1
AMahubo 103:2
IsiZulu 2020
Mbonge uSimakade, mphefumulo wami, ungaze wakhohlwa yimisebenzi yakhe yonke yomusa
Qhathanisa
Hlola AMahubo 103:2
2
AMahubo 103:3-5
Yena othethelela zonke izono zakho, owelapha zonke izifo zakho, okhulula ukuphila kwakho ekubhujisweni, okuqhelisa ngomusa nangobubele, osuthisa ukulangazelela kwakho ngokuhle, ubusha bakho bubuyiswe njengokhozi.
Hlola AMahubo 103:3-5
3
AMahubo 103:1
Mbonge uSimakade, mphefumulo wami, konke okungaphakathi kimi makulibonge igama lakhe elingcwele.
Hlola AMahubo 103:1
4
AMahubo 103:13
Njengalokhu uyise ebahawukela abantwana bakhe, kanjalo noSimakade uyabahawukela abamesabayo.
Hlola AMahubo 103:13
5
AMahubo 103:12
Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga, uzidedise kangako iziphambeko zethu.
Hlola AMahubo 103:12
6
AMahubo 103:8
USimakade unobubele nesihawu, uyephuza ukuthukuthela, uvame umusa.
Hlola AMahubo 103:8
7
AMahubo 103:10-11
Akasiphathi njengokufanele izono zethu, akasivuzi njengokwamacala ethu. Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba, unjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo.
Hlola AMahubo 103:10-11
8
AMahubo 103:19
USimakade umise isihlalo sakhe sobukhosi ezulwini, umbuso wakhe ubusa phezu kwakho konke.
Hlola AMahubo 103:19
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo