1
AMahubo 139:14
IsiZulu 2020
Ngiyakukubonga ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo; imisebenzi yakho iyamangalisa, umphefumulo wami ukwazi kahle.
Qhathanisa
Hlola AMahubo 139:14
2
AMahubo 139:23-24
Ngihlole, Nkulunkulu, uyazi inhliziyo yami; ngilinge, uyazi imicabango yami, ubone ukuthi kukhona yini okubi ngaphakathi kwami, ungiholele endleleni yaphakade.
Hlola AMahubo 139:23-24
3
AMahubo 139:13
NguWena owenza izinso zami, wangiphica ngisesesibelethweni sikamame.
Hlola AMahubo 139:13
4
AMahubo 139:16
Amehlo akho angibona ngiseyihlule, zonke izinsuku zami zalotshwa encwadini yakho, zanqunywa, lungakafiki nolulodwa kuzo.
Hlola AMahubo 139:16
5
AMahubo 139:1
Wena Simakade ungihlolisisile, uyangazi.
Hlola AMahubo 139:1
6
AMahubo 139:7
Ngiyakuya kuphi, ngisuke eMoyeni wakho na? Ngiyakubalekelaphi, ngisuke phambi kwakho na?
Hlola AMahubo 139:7
7
AMahubo 139:2
Uyakwazi ukuhlala kwami nokuma kwami, uqonda umcabango wami ukude.
Hlola AMahubo 139:2
8
AMahubo 139:4
Ngaphambi kokuba ngiphimise izwi ngomlomo wami, Wena Simakade usuke usukwazi konke.
Hlola AMahubo 139:4
9
AMahubo 139:3
Uhlola ukuhamba kwami nokulala kwami, uzazi zonke izindlela zami.
Hlola AMahubo 139:3
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo