1
ISambulo 21:4
IsiZulu 2020
Uyakuzesula zonke izinyembezi emehlweni abo. Ukufa akusayukuba khona; ukudabuka, ukukhala, nobuhlungu akusayukuba khona, ngokuba okokuqala kudlulile.”
Qhathanisa
Hlola ISambulo 21:4
2
ISambulo 21:5
Ohleli esihlalweni sobukhosi wayesethi: “Manje ngenza konke kube kusha.” Wathi: “Loba, ngokuba lawa mazwi athembekile, futhi aliqiniso.”
Hlola ISambulo 21:5
3
ISambulo 21:3
Ngase ngizwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi, lithi: “Ithabanakeli likaNkulunkulu likubantu, uyakuhlala nabo, babe ngabantu bakhe, Yena abe nguNkulunkulu wabo.
Hlola ISambulo 21:3
4
ISambulo 21:6
Wayesethi kimi: “Sekwenzekile. Ngingu-Alfa no-Omega, ukuqala nokugcina. Owomileyo ngiyakumphuzisa ngesihle emthonjeni wamanzi okuphila.
Hlola ISambulo 21:6
5
ISambulo 21:7
Onqobayo uyakudla ifa lalezo zinto, futhi ngiyakuba nguNkulunkulu kuye, yena abe yindodana kimi.
Hlola ISambulo 21:7
6
ISambulo 21:8
“Kepha amagwala, abangakholwayo, abanengekayo, ababulali, izifebe, abathakathi, abakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabuli; lokho-ke ngukufa kwesibili.”
Hlola ISambulo 21:8
7
ISambulo 21:1
Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha, ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile, nolwandle alusekho.
Hlola ISambulo 21:1
8
ISambulo 21:2
Ngabona umuzi ongcwele, iJerusalema elisha, wehla uvela ezulwini kuNkulunkulu, ulungisiwe njengomlobokazi ovunuliselwe umyeni wakhe.
Hlola ISambulo 21:2
9
ISambulo 21:23-24
Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuze kuwukhanyise, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo yiWundlu. Izizwe ziyakuhamba ekukhanyeni kwawo, namakhosi omhlaba alethe kuwo ubukhosi bawo.
Hlola ISambulo 21:23-24
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo