1
ISambulo 8:1
IsiZulu 2020
Kuthe lapho livula uphawu lwesikhombisa, kwathi cwaka ezulwini cishe ingxenye yehora.
Qhathanisa
Hlola ISambulo 8:1
2
ISambulo 8:7
Eyokuqala yalibetha icilongo; kwase kuba khona isichotho nomlilo kuxutshwe negazi, kwaphonswa emhlabeni. Kwathi okwesithathu komhlaba kwasha kwangqongqa, okwesithathu kwezihlahla nakho kwasha kwaphela, nabo bonke utshani obuluhlaza, basha baba ngumlotha.
Hlola ISambulo 8:7
3
ISambulo 8:13
Ngase ngibona, futhi ngezwa ukhozi lundiza emkhathini wezulu, lumemeza ngezwi elikhulu, luthi: “Maye, maye, maye kulabo abakhileyo emhlabeni, lapho sekukhala amacilongo asasele, njengoba izingelosi ezintathu zizakuwabetha!”
Hlola ISambulo 8:13
4
ISambulo 8:8
Ingelosi yesibili yabetha icilongo; kwaba sengathi intaba enkulu ivutha umlilo, yaphonswa olwandle. Okwesithathu kolwandle kwaphenduka igazi
Hlola ISambulo 8:8
5
ISambulo 8:10-11
Ingelosi yesithathu yabetha icilongo; kwase kuwa ezulwini inkanyezi enkulu ivutha njengesibani, yawela phezu kokwesithathu kwemifula naphezu kwemithombo yamanzi. Igama lenkanyezi kuthiwa uMhlonyane. Okwesithathu kwamanzi kwaba ngumhlonyane, kwafa abantu abaningi ngenxa yamanzi, ngokuba ayenziwe ababa.
Hlola ISambulo 8:10-11
6
ISambulo 8:12
Ingelosi yesine yayisibetha icilongo; kwashaya ingxenye yokwesithathu kwelanga, okwesithathu kwenyanga, okwesithathu kwezinkanyezi, ukuze okwesithathu kokukhanya kwakho kube mnyama nokwesithathu kwemini kungakhanyi, kanjalo nobusuku.
Hlola ISambulo 8:12
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo