1
KwabaseRoma 15:13
IsiZulu 2020
Sengathi uNkulunkulu wethemba anganigcwalisa ngenjabulo yonke, nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nichichime ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.
Qhathanisa
Hlola KwabaseRoma 15:13
2
KwabaseRoma 15:4
Nakuba yikuphi okwakulotshwe phambilini, kwalotshelwa ukuba kusifundise ukuthi ngokubekezela nangokugqugquzelwa yimibhalo, sibe nethemba.
Hlola KwabaseRoma 15:4
3
KwabaseRoma 15:5-6
Sengathi uNkulunkulu wokubekezela nokugqugquzeleka anganipha nibe nakuqonda kunye phakathi kwenu maqondana nokukaKhristu uJesu, ukuze nganhliziyonye nangamlomo munye nidumise uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Khristu.
Hlola KwabaseRoma 15:5-6
4
KwabaseRoma 15:7
Ngalokho-ke yamukelanani, njengalokhu noKhristu wanamukela, kube ludumo kuNkulunkulu.
Hlola KwabaseRoma 15:7
5
KwabaseRoma 15:2
Yilowo nalowo kithi makathokozise umakhelwane ngokumenzela okuhle, ukuze amakhe
Hlola KwabaseRoma 15:2
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo