1
Umshumayeli 1:18
Contemporary Zulu Bible 2024
Ngokuba ekuhlakanipheni okuningi kukhona ukudabuka okuningi, nowandisa ukwazi wandisa usizi.
Qhathanisa
Hlola Umshumayeli 1:18
2
Umshumayeli 1:9
Okwakukhona yikho okuzakuba khona; futhi okwenzekayo yilokho okuyokwenziwa; futhi akukho okusha phansi kwelanga.
Hlola Umshumayeli 1:9
3
Umshumayeli 1:8
Konke kugcwele umshikashika; umuntu akanakukukhuluma: iso alisuthi ngokubona, nendlebe ayisuthi ngokuzwa.
Hlola Umshumayeli 1:8
4
Umshumayeli 1:2-3
“Yize leze,” usho uMshumayeli, okuyize okuyize; konke kuyize. Umuntu unanzuzoni kuwo wonke umshikashika wakhe awenzayo phansi kwelanga na?
Hlola Umshumayeli 1:2-3
5
Umshumayeli 1:14
Ngiyibonile yonke imisebenzi eyenziwayo phansi kwelanga; futhi bheka, konke kuyize nokuhlushwa komoya.
Hlola Umshumayeli 1:14
6
Umshumayeli 1:4
Isizukulwane siyedlula, isizukulwane siyeza, kodwa umhlaba umi kuze kube nininini.
Hlola Umshumayeli 1:4
7
Umshumayeli 1:11
Akukho ukukhunjulwa kwezinto zakuqala; futhi akuyikubakho ukukhunjulwa kwezinto ezizayo kanye nabazayo.
Hlola Umshumayeli 1:11
8
Umshumayeli 1:17
Nganikela inhliziyo yami ukwazi ukuhlakanipha nokwazi ubuhlanya nobuwula
Hlola Umshumayeli 1:17
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo