1
Umshumayeli 7:9
Contemporary Zulu Bible 2024
Ungasheshi ukuthukuthela emoyeni wakho, ngokuba ulaka luhlala esifubeni seziwula.
Qhathanisa
Hlola Umshumayeli 7:9
2
Umshumayeli 7:14
Thokozani ngosuku lwenhlanhla, kepha qaphelani ngosuku lokuhlupheka; uNkulunkulu wamisa omunye komunye, ukuze umuntu angafumani lutho emva kwakhe.
Hlola Umshumayeli 7:14
3
Umshumayeli 7:8
Isiphetho sento singcono kunokuqala kwayo, futhi obekezelayo emoyeni ungcono kunozidlayo.
Hlola Umshumayeli 7:8
4
Umshumayeli 7:20
Ngoba kakho umuntu olungileyo emhlabeni owenza okuhle njalo angoni.
Hlola Umshumayeli 7:20
5
Umshumayeli 7:12
Ngokuba ukuhlakanipha kuyisiphephelo, nemali iyisiphephelo, kepha ukudlula ukwazi kungukuthi ukuhlakanipha kuphila kwabanakho.
Hlola Umshumayeli 7:12
6
Umshumayeli 7:1
Igama elihle lingcono kunamafutha amahle; nosuku lokufa njengosuku lokuzalwa komuntu.
Hlola Umshumayeli 7:1
7
Umshumayeli 7:5
Kungcono ukuzwa ukukhuza kohlakaniphileyo kunokuba umuntu ezwe ukuhlabelela kweziwula.
Hlola Umshumayeli 7:5
8
Umshumayeli 7:2
Kungcono ukuya endlini yokulila kunokuya endlini yedili; ngokuba lokhu kungukuphela kwabantu bonke; ophilayo uyakukubeka enhliziyweni yakhe.
Hlola Umshumayeli 7:2
9
Umshumayeli 7:4
Inhliziyo yabahlakaniphileyo isendlini yokulila; kepha inhliziyo yeziwula isendlini yentokozo.
Hlola Umshumayeli 7:4
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo