1
Kwabase-Efesu 6:12
Contemporary Zulu Bible 2024
Ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi balobu bumnyama bomhlaba, nobubi bomoya ezindaweni eziphakemeyo.
Qhathanisa
Hlola Kwabase-Efesu 6:12
2
Kwabase-Efesu 6:18
ngokukhuleka konke nokunxusa nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya, nikulinde ngokubekezela okukhulu nokunxusela abangcwele bonke
Hlola Kwabase-Efesu 6:18
3
Kwabase-Efesu 6:11
Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okumelana namaqhinga kaSathane.
Hlola Kwabase-Efesu 6:11
4
Kwabase-Efesu 6:13
Ngakho hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifeze konke, nime.
Hlola Kwabase-Efesu 6:13
5
Kwabase-Efesu 6:16-17
phezu kwakho konke nithathe isihlangu sokukholwa eniyakuba namandla okucima ngaso yonke imicibisholo evuthayo yomubi. Nithathe isigqoko sensindiso, nenkemba kaMoya eyizwi likaNkulunkulu
Hlola Kwabase-Efesu 6:16-17
6
Kwabase-Efesu 6:14-15
Ngakho yimani izinkalo zenu ziboshiwe ngeqiniso, nifake isivikelo sesifuba sokulunga; Enyaweni zenu zigqokiswe ukulungela ivangeli lokuthula
Hlola Kwabase-Efesu 6:14-15
7
Kwabase-Efesu 6:10
Elokugcina, bazalwane bami, qinani eNkosini nasemandleni akhe amakhulu.
Hlola Kwabase-Efesu 6:10
8
Kwabase-Efesu 6:2-3
Yazisa uyihlo nonyoko; (ongumlayo wokuqala onesithembiso;) Ukuze kube kuhle kuwe, futhi uhlale isikhathi eside emhlabeni.
Hlola Kwabase-Efesu 6:2-3
9
Kwabase-Efesu 6:1
Bantwana, lalelani abazali benu eNkosini, ngokuba lokho kulungile.
Hlola Kwabase-Efesu 6:1
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo