Ngokukholwa uMose esekhulile wala ukubizwa ngokuthi indodana yendodakazi kaFaro;
wakhetha ukuphathwa kabi kanye nabantu bakaNkulunkulu kunokuba athokoze isikhashana esonweni;
wathi ukuthukwa kukaKristu kuyingcebo enkulu kunengcebo yaseGibithe, ngokuba wayebheke umvuzo.
Ngokukholwa washiya iGibithe, engesabi ulaka lwenkosi, ngokuba waqinisela sengathi uyambona ongabonwayo.