1
Mathewu 10:16
Contemporary Zulu Bible 2024
Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi; ngakho hlakaniphani njengezinyoka, nibe msulwa njengamajuba.
Qhathanisa
Hlola Mathewu 10:16
2
Mathewu 10:39
Othola ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho, nolahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana.
Hlola Mathewu 10:39
3
Mathewu 10:28
Ningabesabi ababulala umzimba, bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni.
Hlola Mathewu 10:28
4
Mathewu 10:38
Nongasithathi isiphambano sakhe, angilandele, kangifanele.
Hlola Mathewu 10:38
5
Mathewu 10:32-33
Ngakho-ke lowo oyakungivuma phambi kwabantu, nami ngiyakumvuma phambi kukaBaba osezulwini. Kepha lowo oyakungiphika phambi kwabantu, nami ngiyakumphika phambi kukaBaba osezulwini.
Hlola Mathewu 10:32-33
6
Mathewu 10:8
Phulisani abagulayo, nihlambulule abanochoko, nivuse abafileyo, nikhiphe amademoni
Hlola Mathewu 10:8
7
Mathewu 10:31
Ngakho-ke ningesabi; nina nidlula imizwilili eminingi.
Hlola Mathewu 10:31
8
Mathewu 10:34
Ningacabangi ukuthi ngize ukuletha ukuthula emhlabeni; angizanga ukuletha ukuthula, kodwa inkemba.
Hlola Mathewu 10:34
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo