1
KwabaseRoma 15:13
Contemporary Zulu Bible 2024
UNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nivame ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.
Qhathanisa
Hlola KwabaseRoma 15:13
2
KwabaseRoma 15:4
Ngoba konke okwalotshwa ngaphambili kwalotshelwa ukufundiswa kwethu, ukuze ngokubekezela langenduduzo yemibhalo sibe lethemba.
Hlola KwabaseRoma 15:4
3
KwabaseRoma 15:5-6
Kepha uNkulunkulu wokubekezela nowenduduzo makaniphe nibe nomqondo munye omunye komunye ngokukaKristu Jesu; ukuze ngamlomo munye nikhazimulise uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu.
Hlola KwabaseRoma 15:5-6
4
KwabaseRoma 15:7
Ngakho yamukelanani, njengalokhu uKristu wasesamukela, kube yinkazimulo kaNkulunkulu.
Hlola KwabaseRoma 15:7
5
KwabaseRoma 15:2
Yilowo nalowo kithi makajabulise umakhelwane kube kuhle, akheke.
Hlola KwabaseRoma 15:2
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo