1 uSamuweli 5
5
Umphongolo usendlini kaDagoni
1AmaFilisti athatha umphongolo kaNkulunkulu, awususa e-Ebeni Ezeri, awuyisa e-Ashidodi. 2 AmaFilisti awuthatha umphongolo kaNkulunkulu, awungenisa endlini kaDagoni, awubeka ngakuye uDagoni. 3Abase-Ashidodi sebevukile kusasa ekuseni, bheka, uDagoni wayewile phansi ngobuso phambi komphongolo kaJehova. Bamthatha uDagoni, bambuyisela endaweni yakhe. 4Sebevukile kusasa ekuseni, bheka, uDagoni wayewile phansi ngobuso phambi komphongolo kaJehova; ikhanda likaDagoni nezimpama zombili zezandla zakhe zazinqamukile zisembundwini; kwasala isidumbu sakhe kuphela. 5Ngalokho abapristi bakaDagoni nabo bonke abangena endlini kaDagoni abanyatheli embundwini kaDagoni e-Ashidodi kuze kube namuhla.
AmaFilisti ayahlushwa yisandla sikaJehova
6Kepha isandla sikaJehova sasinzima phezu kwabase-Ashidodi, wabachitha, wababulala ngamathumba, i-Ashidodi nemikhawulo yalo. 7Abantu base-Ashidodi sebebona ukuthi kunjalo bathi: “Umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli awuyikuhlala kithi, ngokuba isandla sakhe silukhuni phezu kwethu naphezu kukaDagoni unkulunkulu wethu.” 8Bathuma babuthela kubo onke amakhosi amaFilisti, bathi: “Siyakwenzani ngomphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli na?”
Athi: “Umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli mawususelwe eGati.” Bawususela umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli khona.
9Kwathi sebewususele khona, isandla sikaJehova sasiphezu kwalowo muzi ngokungquzula okukhulu, wabulala abantu bomuzi abancane nabakhulu; kwaqhamuka amathumba kubo. 10Base bethuma umphongolo kaNkulunkulu e-Ekroni. Kwathi ekufikeni komphongolo kaNkulunkulu e-Ekroni abase-Ekroni bakhala bathi: “Balethile umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli kithi ukuba usibulale thina nabantu bakithi.” 11Bathuma babutha onke amakhosi amaFilisti, bathi: “Wususeni umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli, ubuyele endlini yawo, ukuba ungasibulali thina nabantu bakithi,” ngokuba kwakukhona ukungquzuka okokufa emzini wonke; isandla sikaNkulunkulu sasinzima kakhulu khona. 12Abantu abangafanga bashaywa ngamathumba; ukukhala komuzi kwenyukela ezulwini.
Okuqokiwe okwamanje:
1 uSamuweli 5: ZUL59
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

: