Kwabase-Efesu 5:7-11
Kwabase-Efesu 5:7-11 ZUL59
Ngakho-ke ningabi ngabahlanganyela nabo. Ngokuba kade naningubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya, ngokuba izithelo zokukhanya zisebuhleni bonke nasekulungeni naseqinisweni, nihlole ukuthi kuyini okuthandeka eNkosini, ningahlanganyeli imisebenzi yobumnyama engenazithelo, kepha kunalokho niyidalule;



