I-logo yo Hlelo Lokusebenza lweBhayibheli
Isici soku Sesha

Kwabase-Efesu 5:7-11 - Qhathanisa Zonke Izinguqulo

Kwabase-Efesu 5:7-11 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

Ngakho-ke ningabi ngabahlanganyela nabo. Ngokuba kade naningubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya, ngokuba izithelo zokukhanya zisebuhleni bonke nasekulungeni naseqinisweni, nihlole ukuthi kuyini okuthandeka eNkosini, ningahlanganyeli imisebenzi yobumnyama engenazithelo, kepha kunalokho niyidalule

Kwabase-Efesu 5:7-11 ZUL20 (IsiZulu 2020)

Ngakho-ke ningabi ngabahlanganyela nabo. Ngokuba kade ningubumnyama, kodwa manje seningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya, ngokuba isithelo sokukhanya sisebuhleni bonke, ekulungeni naseqinisweni; nihlolisise ukuthi kuyini okuthandekayo eNkosini. Ningahlanganyeli emisebenzini yobumnyama engenazithelo, kodwa kunalokho niyidalule

Kwabase-Efesu 5:7-11 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)

Ngakho-ke ningabi ngabahlanganyeli nabo. Ngokuba nanikade nibubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya; (Ngokuba isithelo sikaMoya sikubo bonke ubuhle nokulunga neqiniso;) nihlola ukuthi kuyini okwamukelekayo eNkosini. futhi ningabi nenhlanganyelo nemisebenzi yobumnyama engatheli, kodwa kunalokho niyisole.

Kwabase-Efesu 5:7-11 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)

Ngakho-ke ningabi ngabahlanganyeli nabo. Ngokuba nanikade nibubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya; (Ngokuba isithelo sikaMoya sikubo bonke ubuhle nokulunga neqiniso;) nihlola ukuthi kuyini okwamukelekayo eNkosini. Futhi ningabi nenhlanganyelo nemisebenzi yobumnyama engatheli, kodwa kunalokho niyisole.