U-Isaya 12
12
Ihubo lokusindiswa kuka-Israyeli
1Uyakusho ngalolo suku ukuthi:
“Ngiyakubonga, Jehova,
ngokuba wangithukuthelela,
kepha intukuthelo yakho isibuyile, uyangiduduza.
2 Bheka, uNkulunkulu uyinsindiso yami;
nginethemba, angesabi,
ngokuba uJehova, uJehova ungamandla ami nehubo lami,
waba yinsindiso yami.”
3 Ngalokho niyakukha amanzi ngokujabula
emithonjeni yensindiso.
4 Niyakusho ngalolo suku ukuthi:
“Bongani uJehova,
nibize igama lakhe,
nizazise izenzo zakhe phakathi kwezizwe,
nimemezele ukuthi igama lakhe liphakeme.
5Hlabelelani kuJehova,
ngokuba wenzile izinto ezinkulu;
lokhu makwazeke emhlabeni wonke.
6 Memeza, ujabule wena ohlezi eSiyoni,
ngokuba mkhulu oNgcwele ka-Israyeli phakathi kwakho.”
Okuqokiwe okwamanje:
U-Isaya 12: ZUL59
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

: