UJobe 6

6
UJobe uphendula inkulumo yokuqala ka-Elifazi: ukusinda kwenhlupheko kaJobe; ubulukhuni babangane bakhe
1Wayesephendula uJobe ethi:
2“Sengathi ukuncokolozwa kwami
ngabe kulinganiswe nokulinganiswa,
inhlupheko yami ibekwe esilinganisweni kanyekanye.
3Ngokuba manje iyasinda kunesihlabathi solwandle;
ngalokho amazwi ami ayengukubheda.
4 Ngokuba imicibisholo kaSomandla ikimi;
isihlungu sayo siphuzwa ngumoya wami;
izesabiso zikaNkulunkulu ziyangehlela.
5Imbongolo yasendle iyakhala yini inotshani na?
Inkabi iyakhonya isekudleni kwayo na?
6Okudumayo kungadliwa ngaphandle kukasawoti na?
Kukhona ukuklwabusa kokumhlophe kweqanda na?
7Umphefumulo wami uyala ukukuthinta,
kungukudla okunengekayo kimi.
8“Sengathi isicelo sami singenziwa,
uNkulunkulu angiphe lokhu engikubhekayo.
9Yebo, sengathi uNkulunkulu angangichoboza,
athukulule isandla sakhe, anginqume.
10Lokho ngakube kuhlale kube yinduduzo yami,
yebo, ngabe ngijabule ebuhlungwini obungahawukeliyo
ukuthi angigodlanga amazwi oNgcwele.
11Ayini amandla ami ukuba ngingaze ngethembe na?
Ukuphela kwami kuyini ukuba ngingaze ngibekezele na?
12Pho, amandla ami angamandla amatshe yini?
Inyama yami iyithusi na?
13Akusikho yini ukuthi alukho usizo kimi;
ukusindiswa kususwa kimi.
14“Odangeleyo nga ehawukelwa ngumngane wakhe;
kepha ukumesaba uSomandla kuyayekwa.
15 Abafowethu bambuluzile njengomfula,
njengemithonjana yemifula eshayo,
16emnyama ngeqhwa,
lapho ungqoqwane ezisitheza khona,
17kepha ngesikhathi sokufudumala inyamalale,
ishe endaweni yayo, lapho libalele.
18Abahamba ngezindlela zayo bayaphambuka,
benyukela oqwathuleni, babhubhe.
19Izihambi zakwaThema zabheka;
izindwendwe zakwaSheba zazihlalela.
20Zajabha, ngokuba zazibhekile;
sezifike khona zadana.
21Ngokuba kalokhu seniyize nje;
nibona okwesabisayo niyesaba.
22Ngasho yini ukuthi: ‘Ngipheni,
ninginike isipho empahleni yenu,’ na?
23noma: ‘Ngikhululeni esandleni sesitha,
ningihlenge esandleni sezidlova,’ na?
24“Ngifundiseni, khona ngiyakuthula mina,
ningiqondise lapho ngiduke khona.
25 Ukukhuluma okuqotho kunamandla,
kepha ukusolwa nokusolwa yinina kusizani na?
26Nicabanga yini ukusola amazwi,
lokhu ukukhuluma kophelelwa ithemba kungumoya nje na?
27Yebo, nenza inkatho ngentandane,
nithengisa ngomngane wenu.
28Manje, qalani ukungibuka;
kuyakuba sobala,
uma ngiqamba amanga.
29Ake niphenduke,
kungabikho ukungalungi,
nibuye niphenduke;
indaba yami ilungile.
30Kukhona ukungalungi olimini lwami yini,
ulwanga lwami alunakuqonda okubi na?

Okuqokiwe okwamanje:

UJobe 6: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume