UJoshuwa 12
12
Amagama amakhosi anqotshiweyo
1Lawa angamakhosi ezwe anqotshwa ngabantwana bakwa-Israyeli, belidla izwe lawo ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, kusukela esigodini sase-Arinoni kuze kube sentabeni yaseHermoni, nalo lonke i-Araba ngasempumalanga: 2 uSihoni inkosi yama-Amori owayehlala eHeshiboni, ebusa kusukela e-Aroweri eliseceleni kwesigodi sase-Arinoni, naphakathi nesigodi, nenxenye yakwaGileyadi, kuze kube semfuleni iJaboki, umkhawulo wabantwana bakwa-Amoni, 3 ne-Araba kuze kufike elwandle lwaseKinereti ngasempumalanga, kuze kube seLwandle lwase-Araba, uLwandle Lukasawoti, ngasempumalanga endleleni eya eBeti Jeshimoti nangaseningizimu ngaphansi kwemithambeka yasePisiga; 4 futhi izwe lika-Ogi inkosi yaseBashani, owensali yamaRefa, owahlala e-Ashitaroti nase-Edireyi, 5ebusa entabeni yaseHermoni, naseSaleka, nakulo lonke iBashani kuze kube semkhawulweni wamaGeshuri nowamaMahakhati, nenxenye yakwaGileyadi, umkhawulo kaSihoni inkosi yaseHeshiboni.
6 UMose inceku kaJehova nabantwana bakwa-Israyeli babebabulele; uMose inceku kaJehova wabanika lona abakwaRubeni, nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase, laba yifa labo.
7Lawa angamakhosi ezwe anqotshwa nguJoshuwa nangabantwana bakwa-Israyeli ngaphesheya kweJordani ngasentshonalanga, kusukela eBali Gadi esigodini saseLebanoni kuze kufike entabeni yaseHalaki eyenyukela eSeyiri, uJoshuwa walinika izizwe zakwa-Israyeli libe yifa ngokwezabelo zabo 8ezintabeni, nasemathafeni, nase-Araba, nasemithambekeni, nasehlane, naseningizimu: amaHeti, nama-Amori, namaKhanani, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi:
9inkosi yaseJeriko: inye;
inkosi yase-Ayi elingaseceleni kweBethele: inye;
10inkosi yaseJerusalema: inye;
inkosi yaseHebroni: inye;
11inkosi yaseJarimuthi: inye;
inkosi yaseLakishi: inye;
12inkosi yase-Egiloni: inye;
inkosi yaseGezeri: inye;
13inkosi yaseDebiri: inye;
inkosi yaseGederi: inye;
14inkosi yaseHorma: inye;
inkosi yase-Aradi: inye;
15inkosi yaseLibina: inye;
inkosi yase-Adulamu: inye;
16inkosi yaseMakheda: inye;
inkosi yaseBethele: inye;
17inkosi yaseTaphuwa: inye;
inkosi yaseHeferi: inye;
18inkosi yase-Afeki: inye;
inkosi yaseLasharoni: inye;
19inkosi yaseMadoni: inye;
inkosi yaseHasori: inye;
20inkosi yaseShimroni Meroni: inye;
inkosi yase-Akishafu: inye;
21inkosi yase Thahanaki: inye;
inkosi yaseMegido: inye;
22inkosi yaseKedeshi: inye;
inkosi yaseJokineyamu eKarmeli: inye;
23inkosi yaseDori egqumeni laseDori: inye;
inkosi yaseGoyimi eGiligali: inye;
24inkosi yaseTirisa: inye;
onke amakhosi ayengamashumi amathathu nanye.
Okuqokiwe okwamanje:
UJoshuwa 12: ZUL59
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

: