NgokukaMarku 6:41-43

NgokukaMarku 6:41-43 ZUL59

Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula izinkwa, wazinika abafundi ukuba bazibeke phambi kwabo; nezinhlanzi ezimbili wababela bonke ngazo. Badla bonke, basutha. Babutha imvuthuluka, iziqabetho eziyishumi nambili ezigcwele, neyezinhlanzi.