AmaHubo 128

128
Inhlanhla yekhaya lomuntu oqotho
Igama lokukhuphuka.
1 Babusisiwe bonke abamesabayo uJehova,
abahamba ngezindlela zakhe.
2Ngokuba uyakudla umsebenzi wezandla zakho;
uyakuba nenhlanhla nempumelelo.
3Umkakho uyakuba njengomnqumo othelayo phakathi kwendlu yakho,
abantwana bakho babe njengezithombo zomnqumo,
bezungeza itafula lakho.
4Ngokuba bheka,
kanjalo iyakubusiswa indoda
emesabayo uJehova.
5 UJehova makakubusise eseSiyoni;
uyakubona inhlanhla yaseJerusalema
zonke izinsuku zokuphila kwakho.
6 Uyakubona abantwana babantwana bakho.
Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.

Okuqokiwe okwamanje:

AmaHubo 128: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume