AmaHubo 132

132
Isithembiso sikaDavide kuJehova nesithembiso sikaJehova kuDavide
Igama lokukhuphuka.
1 Jehova,
mkhumbulele uDavide zonke izinhlupheko zakhe
2ukuthi wafunga kuJehova,
wenza isithembiso kuye onguMninimandla kaJakobe, ethi:
3“Angiyikungena etendeni lendlu yami;
angiyikwenyukela embhedeni wami;
4 angiyikunika amehlo ami ubuthongo,
nezinkophe zami ukozela
5 ngingakatholeli uJehova indawo,
indlu yonguMninimandla kaJakobe.”
6Bheka, sizwile ngakho e-Efratha,
sakufumana ezweni laseJari.
7 “Masingene endlini yakhe,
sikhuleke ngasesenabelweni sezinyawo zakhe.
8 Vuka, Jehova, uye ekuphumuleni kwakho,
wena nomphongolo wamandla akho.
9Abapristi bakho mabembeswe ukulunga,
abangcwele bakho bethabe.”
10 Ngenxa yenceku yakho uDavide
mawungaphenduli ubuso bogcotshiweyo wakho.
11 UJehova ufungile kuDavide ngeqiniso,
akabuyi kukho, ethi:
“Owenzalo yomzimba wakho
ngiyakumbeka esihlalweni sakho sobukhosi.
12Uma abantwana bakho begcina isivumelwano sami
nobufakazi bami engiyakubafundisa bona,
khona abantwana babo bayakuhlala
esihlalweni sakho kuze kube phakade.”
13Ngokuba uJehova ukhethile iSiyoni;
ulithandile libe yindawo yakhe yokuhlala:
14 “Yona ingeyokuphumula kwami kuze kube phakade;
lapha ngiyakuhlala khona,
ngokuba ngiyifunile.
15Ngiyakubusisa kakhulu ukudla kwalo;
abampofu balo ngiyakubasuthisa ngesinkwa.
16 Abapristi balo ngiyakubembesa insindiso;
abangcwele balo bayakumemeza nokumemeza ngenjabulo.
17 “Ngiyakuhlumisa uphondo lukaDavide,
ogcotshiweyo wami ngimlungisele isibani.
18Izitha zalo ngiyakuzembesa ihlazo,
kepha kuyena uqobo umqhele wakhe uyakukhazimula.”

Okuqokiwe okwamanje:

AmaHubo 132: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume