AmaHubo 136

136
Ukubonga uJehova ngezimangaliso zakhe nomusa wakhe ongunaphakade
1 Bongani uJehova, ngokuba muhle,
ngokuba umusa wakhe umi phakade.
2 Bongani uNkulunkulu wawonkulunkulu,
ngokuba umusa wakhe umi phakade.
3 Bongani iNkosi yamakhosi,
ngokuba umusa wayo umi phakade;
4yona engoyedwa owenza izimangaliso ezinkulu,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
5owenzile izulu ngokuhlakanipha,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
6 owendlala umhlaba phezu kwamanzi,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
7 owenza izinkanyiso ezinkulu,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
8ilanga ukuba libuse emini,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
9inyanga nezinkanyezi ukuba zibuse ebusuku,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
10 owalishaya iGibithe, amazibulo alo,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
11 owamkhipha u-Israyeli phakathi kwabo,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
12 ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
13 owahlukanisa kabili uLwandle Olubomvu,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
14owawelisa u-Israyeli phakathi kwalo,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
15owachitha uFaro nempi yakhe eLwandle Olubomvu,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
16owahola abantu bakhe ehlane,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
17 owashaya amakhosi amakhulu,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
18owabulala amakhosi adumileyo,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
19 uSihoni inkosi yama-Amori,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
20 no-Ogi inkosi yaseBashani,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
21 owanika izwe labo laba yifa,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
22laba yifa lika-Israyeli inceku yakhe,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
23 owasikhumbula sisephansi,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
24owasikhulula ezitheni zethu,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
25 onika inyama yonke ukudla,
ngokuba umusa wakhe umi phakade.
26Bongani uNkulunkulu wezulu,
ngokuba umusa wakhe umi phakade.

Okuqokiwe okwamanje:

AmaHubo 136: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume