AmaHubo 150

150
Udumiso lukaNkulunkulu
1 Haleluya!
Dumisani uNkulunkulu endlini yakhe engcwele,
nimdumise emkhathini wakhe wamandla.
2Mdumiseni ngenxa yezenzo zakhe zamandla,
nimdumise ngenxa yobukhosi bakhe obukhulu.
3Mdumiseni ngezwi lecilongo,
nimdumise ngogubhu nehabhu.*
4 Mdumiseni ngesigubhu nokusina,
nimdumise ngezingubhu ezinezintambo eziyishumi nemitshingo.
5Mdumiseni ngamasimbali* ancencethayo,
nimdumise ngezinsimbi ezikhencezayo.
6 Konke okuphefumulayo makudumise uJehova.
Haleluya!

Okuqokiwe okwamanje:

AmaHubo 150: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume