AmaHubo 19
19
Ukuzibonakalisa kukaNkulunkulu ngokudala nangezwi lakhe
Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide.
1 Amazulu ayalanda ngenkazimulo kaJehova,
nomkhathi ushumayela umsebenzi wezandla zakhe.
2Usuku luyalandisa usuku inkulumo,
nobusuku bushumayeza ubusuku ukwazi.
3Akukho ukukhuluma,
awakho amazwi,
lapho izwi lingezwakali khona.
4 Isilinganiso sawo siphumele emhlabeni wonke
namazwi awo emkhawulweni womhlaba.
Ulimisele ilanga itende kulo.
5Lona linjengomyeni ephuma ekamelweni lakhe;
lijabulisa okweqhawe ukugijima endleleni yalo.
6Ukuphuma kwalo kusemkhawulweni wezulu;
ukuzungeza kwalo kuya ekugcineni kwalo;
akukho okufihlelwe ukushisa kwalo.
7 Umthetho kaJehova uphelele,
uvusa umphefumulo;
ukufakaza kukaJehova kuqinisile,
kuhlakaniphisa oyisiwula.
8 Imiyalo kaJehova ilungile,
ijabulisa inhliziyo;
umyalezo kaJehova uhlanzekile,
ukhanyisa amehlo.
9Ukumesaba uJehova kuhlanzekile,
kumi kuze kube phakade;
imithetho kaJehova iyiqiniso,
ilungile yonke.
10 Inxanelekile kunegolide,
kunegolide elihlanzekileyo eliningi;
imnandi kunezinyosi,
kunoju lwamakhekheba.
11 Nenceku yakho iyayalwa ngayo;
oyigcinayo uyakuba nomvuzo omkhulu.
12 Ngubani owazi iziphosiso zakhe na?
Ngithethelele kwezisithekileyo.
13 Yilonde inceku yakho nasezonweni ezihlazisayo;
mazingabusi phezu kwami.
Yikhona ngiyakube ngiphelele,
ngingabe ngisaba necala eziphambekweni ezinkulu.
14 Amazwi omlomo wami nokuzindla kwenhliziyo yami
makuthandeke ebusweni bakho, Jehova,
dwala lami nomhlengi wami.
Okuqokiwe okwamanje:
AmaHubo 19: ZUL59
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

: