AmaHubo 26

26
Umkhuleko wohlushwa engenacala
ElikaDavide.
1 Ngahlulele, Jehova,
ngokuba ngihamba ekulungeni kwami;
ngithemba uJehova, angiyikuntenga.
2 Ngivivinye, Jehova, ungilinge;
hlolisisa izinso zami nenhliziyo yami.
3Ngokuba ububele bakho buphambi kwamehlo ami;
ngihamba eqinisweni lakho.
4 Angihlali nabantu bamanga,
angihambelani nezimbulu.
5 Ngiyawuzonda umhlangano wabenza okubi,
angihlali nababi.
6 Ngiyahlamba izandla zami ngingenacala,
ngizungeza i-altare lakho, Jehova,
7 ukuba ngizwakalise izwi lokudumisa,
ngilande ngazo zonke izimangaliso zakho.
8 Jehova, ngiyayithanda inkundla yendlu yakho
nendawo lapho kuhlezi khona inkazimulo yakho.
9 Ungamukisi umphefumulo wami kanye nezoni
nokuphila kwami kanye nabantu begazi
10abanehlazo ezandleni zabo,
nesokunene sabo sigcwele izipho zenkohliso.
11Kepha mina ngihamba ekulungeni kwami;
ngihlenge, ube nomusa kimi.
12 Unyawo lwami lumi ebaleni;
ngizakudumisa uJehova emihlanganweni.

Okuqokiwe okwamanje:

AmaHubo 26: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume