18
Ukunqoba KukaDavide
1 Kwathi emveni kwalokho, uDavide wahlasela amaFilisti, wawanqoba, wayidla iGathi nemizana yalo esandleni samaFilisti.
2 Wamnqoba uMowabi; abakwaMowabi baba yizinceku zikaDavide, bathela intela kuye.
3UDavide wahlasela uHadadezeri, inkosi yaseZobha, ngaseHamathi, ngesikhathi ephumile ukuyoqinisa umbuso wakhe ngasemfuleni iYufrathe. 4 UDavide wathatha kuye izinqola eziyinkulungwane, abamahhashi abayizi-7 000 nemigundatshani eyizi-20 000. UDavide wanquma imisipha yamahhashi ayedonsa izinqola, washiya kuphela awezinqola eziyikhulu.
5 Kwase kufika ama-Aramu aseDamaseku ezosiza uHadarezeri, inkosi yaseZobha, uDavide wabulala abantu bakhona abayizi-22 000. 6UDavide wamisa amabutho e-Aramu eDamaseku. Ama-Aramu aba yizinceku zikaDavide, athela intela kuye. USimakade wamenza ukuba uDavide anqobe noma kuphi lapho eya khona.
7UDavide wathatha izihlangu zegolide ezazisezincekwini zikaHadadezeri, waziletha eJerusalema. 8 UDavide wathatha ithusi eliningi kakhulu eThibhahathi naseKhuni, imizi kaHadadezeri, uSolomoni enza ngalo ulwandle lwethusi nezinsika nezitsha zethusi.
9Kwathi ukuba uThowu, inkosi yaseHamathi, ezwe ukuthi uDavide uyibhubhisile yonke impi kaHadadezeri, inkosi yaseZobha, 10wathumela uHadoramu, indodana yakhe, enkosini uDavide ukuyocela ukuba babe nesivumelwano sokuthula nokuyibusisa, ngokuba yayilwile noHadadezeri, yamnqoba, ngokuba uHadadezeri wayevame ukulwa noThowu. Wamphathisa izinhlobo zonke zezitsha zegolide nezesiliva nezethusi.
11Inkosi uDavide wazingcwelisa nalezi zitsha kuSimakade, nesiliva negolide ayekudle ezizweni zonke zakwa-Edomi, kwaMowabi, nakubantu bakwa-Amoni, nakumaFilisti nakuma-Amaleki.
12U-Abhishayi, indodana kaZeruya, wabulala abakwa-Edomi abayizi-18 000 eSigodini Sikasawoti. 13 Wamisa amabutho kwa-Edomi; bonke abakwa-Edomi baba yizinceku zikaDavide. USimakade wenza uDavide ukuba anqobe noma kuphi lapho ayeya khona.
Izinduna ZikaDavide
14UDavide wabusa phezu kwawo wonke u-Israyeli, wenza ubulungiswa nokulunga kubo bonke abantu bakhe. 15 UJowabe, indodana kaZeruya, wayephethe impi uJehoshafathi, indodana ka-Ahiludi, engumabhalane. 16UZadoki, indodana ka-Ahithubi, no-Abhimeleki, indodana ka-Abhiyathara, babengabaphristi, uShawusha engumbhali. 17 UBhenaya, indodana kaJehoyada, wayengamele amaKherethi namaPhelethi; amadodana kaDavide ayesondele, engawokuqala ngasenkosini.