26
Izigaba Zabalindisango
1Nazi izigaba zabalindimasango: kumaKhorahi: nguMeshelemiya, indodana kaKhore emadodaneni ka-Asafa. 2UMeshelemiya wayenalawa madodana: izibulo kunguZakhariya, eyesibili uJediyayeli, eyesithathu uZabhadiya, eyesine uJathiniyeli, 3eyesihlanu u-Elamu, eyesithupha uJehohanani, eyesikhombisa kungu-Eliyohenayi. 4U-Obhede Edomi wayenalawa madodana: izibulo kunguShemaya, eyesibili uJehozabhadi, eyesithathu uJowa, eyesine uSakhari, eyesihlanu uNethaneli, 5eyesithupha u-Amiyeli, eyesikhombisa u-Isakhare, eyesishiyagalombili uPhewulethayi; uNkulunkulu wayembusisile impela.
6Naye uShemaya wayenamadodana ayebusa indlu kayise, ngokuba ayengamaqhawe anamandla. 7Amadodana kaShemaya: kungu-Othini, uRefayeli, u-Obhedi, u-Elizabhadi nabafowabo ababengamaqhawe anamandla, u-Elihu noSemakhiya. 8Bonke labo kwakungabozalo luka-Obhede Edomi, bona, namadodana abo, nabafowabo, amadoda aqinileyo anamandla enkonzweni, babengama-62. 9UMeshelemiya wayenamadodana nabafowabo, amadoda anamandla, eli-18. 10 UHosa owayengomunye wobozalo lukaMerari wayenamadodana: uShimiri wayeyinhloko nakuba engesilo izibulo, nguyise owambeka waba yinhloko. 11Owesibili kwakunguHilikiya, owesithathu uThebhaliya, owesine kunguZakhariya; sebebonke, amadodana nabafowabo bakaHosa babeli-13.
12Lezo zigaba zabalindimasango, izinhloko zabantu, zaba negunya ukukhonza endlini kaSimakade njengabafowabo. 13 Bashaya unkatho isango ngesango naphakathi komncane njengakomdala, ngokwezindlu zawoyise. 14Unkatho lwasempumalanga lwadla uShelemiya. Base benza unkatho ngendodana yakhe, uZakhariya, owayengumeluleki owayehlakaniphile, wadliwa wunkatho lwasenyakatho. 15Olwaseningizimu lwadla u-Obhede Edomi namadodana akhe, ukuba baqaphe inqolobane. 16Olwasentshonalanga lwadla uShuphimi noHosa, ukuba babe ngabalindi abalinda ngasesangweni eShalekethi, ngendlela eyenyukayo. 17Ngasempumalanga kwakunabaLevi abayisithupha, ngasenyakatho bebane ngosuku, ngaseningizimu bebane ngosuku nasenqolobaneni bebane. 18 Kwakukhona abane ngasentshonalanga endleleni, ePharibhari, kuthi ePharibhari uqobo kube nababili.
19Lezo zigaba yizona ezabalindi ababevela ozalweni lukaKhorahi nakolukaMerari.
Abaphathi Bengcebo Nezinye Izinduna
20 KubaLevi, u-Ahiya wayephethe ingcebo yendlu kaNkulunkulu nengcebo yezinto ezingcwele. 21 Amadodana kaLadani, ozalo lwamaGereshoni akwaLadani, izinhloko zoyise zakwaLadani umGereshoni, amaJehiyeli, 22amadodana amaJehiyeli, uZethamu noJoweli umfowabo, ayengamele ingcebo endlini kaSimakade.
23Kuma-Amramu, kumaJizihari, kumaHebhroni nakuma-Uziyeli; 24 uShebhuweli, indodana kaGereshomu kaMose, wayengumphathisikhwama. 25 Abafowabo ku-Eliyazeri: kwakunguRehabhiya, indodana yakhe, uJeshaya, uJoramu, uZikhiri noShelomothi. 26 UShelomothi nabafowabo babengamele yonke ingcebo yezinto ezingcwele ezazingcweliswe yinkosi uDavide, izinhloko zoyise, abakhuzi bempi bezinkulungwane, abakhuzi bempi bamakhulu nabakhuzi bempi. 27 Yibona ababengcwelisa okutholakale empini nasempangweni ukuba kulungiswe indlu kaSimakade, 28 nakho konke uSamuweli umboni, uSawule indodana kaKhishi, u-Abhineri indodana kaNeri noJowabe indodana kaZeruya ababekungcwelisile; lokho okwakungcweliswe ngabantu abehlukene, konke kwaphathwa nguShelomothi nabafowabo.
Eminye Imisebenzi YabaLevi
29 KumaJizihari, uKhenaniya namadodana akhe babephethe umsebenzi ongaphandle kwa-Israyeli, beyizikhulu nabehluleli. 30 KumaHebhroni, uHashabhiya nabafowabo, bengamaqhawe anamandla ayi-1 700, futhi bengababonisi kwa-Israyeli, phesheya kweJordani entshonalanga. Bengababonisi emsebenzini wonke kaSimakade nasezinkonzweni zenkosi. 31 KumaHebhroni, nguJeriya owayeyinhloko yezizukulwane ngokwezindlu zoyise. Ngonyaka wama-40 wokubusa kukaDavide kwafunwa, kwatholakala phakathi kwabo amaqhawe anamandla eJazeri kwaGileyadi. 32 Abafowabo, amaqhawe anamandla, babeyizi-2 700, izinhloko zoyise ezenziwa ababonisi abaphethe kwaRubeni, kwaGadi, nasengxenyeni yesizwana sakwaManase. Babephethe ezindabeni zonke zikaNkulunkulu, nasezindabeni zenkosi.