1 KwabaseKhorinte 6

6
Kukhuzwa Ukumangalelana EKhorinte
1Uma omunye wenu enombango nomunye, angalokotha yini ammangalele kwabangakholwayo, kunokuba udaba alwethule kubazalwane na? 2 Anazi yini ukuthi abangcwele bayakuwehlulela umhlaba na? Kepha uma umhlaba wahlulelwa yinina, pho ningehlulwa yini ukukhipha izigwebo zamacala amancane na? 3Anazi yini ukuthi siyakwehlulela ngisho nezingilosi na? Kangakanani-ke amacala alokhu kuphila na? 4Ngakho-ke uma ninamacala alokhu kuphila, niyababeka yini abangenasithunzi ebandleni ukuba babe ngabehluleli na? 5Lokhu ngikusho ukuze nibe namahloni. Kanti kunjalo: ngabe akukho namunye yini phakathi kwenu ohlakaniphileyo onganquma udaba phakathi kwabazalwane bakhe na? 6Kanti umzalwane uyammangalela yini omunye, futhi akwenze lokho phambi kwabangakholwayo na?
7 Empeleni kwakhona nje ukuthi niyamangalelana kukhombisa ukuthi niyizehluleki. Kungebe ngcono ngani ukuba kwenziwe okubi kini na? Kungebe ngcono ngani ukuba nani niqolwe na? 8Kepha nina luqobo nenza okubi, niyaqola; lokho nikwenza ngisho nakubazalwane benu.
9 Kanti anazi yini ukuthi ababi abayukulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na? Ningayengeki, ngokuba izifebe, abakhonza izithombe, iziphingi, abahlobongayo, abaphangi, abalalanayo benobulili obufanayo, 10 amasela, abanomona, izidakwa, abathuka inhlamba nabaphangi; abayukulidla ifa lombuso kaNkulunkulu. 11 Abanye benu babenjalo, kodwa senahlanzwa, nangcweliswa, nalungisiswa ngegama leNkosi uJesu Khristu nangoMoya kaNkulunkulu wethu.
Umzimba Wethu Uyithempeli LikaNkulunkulu
12 Konke kuvunyelwe kimi, kepha akusikho konke okusizayo. Konke kuvunyelwe kimi, kodwa mina anginakubuswa yilutho. 13 Ukudla kungokwesisu, nesisu singesokudla, kodwa uNkulunkulu uyakushabalalisa kokubili. Umzimba akusiwo owobufebe, ungoweNkosi, neNkosi ingeyomzimba. 14 UNkulunkulu wayivusa iNkosi, nathi uyakusivusa ngamandla akhe. 15 Kanti anazi yini ukuthi imizimba yenu iyizitho zikaKhristu na? Pho ngizithatha kanjani izitho zikaKhristu, ngizenze izitho zesifebe na? Qha nakanye. 16 Anazi yini ukuthi ozihlanganisa nesifebe uba mzimba munye naso na? Phela kulotshiwe ukuthi: “Labo bobabili bayakuba nyamanye.”
17 Kepha ozihlanganisa neNkosi uyakuba moya munye nayo.
18 Ngakho-ke balekelani ubufebe. Zonke izono umuntu azenzayo zenzeka ngaphandle komzimba, kodwa ofebayo ungcolisa owakhe umzimba. 19 Anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele eninaye, enimemukele evela kuNkulunkulu, nokuthi anizimele ngokwenu na? 20 Ngokuba nathengwa ngenani elikhulu. Ngakho-ke mngcweliseni uNkulunkulu emizimbeni yenu.

Okuqokiwe okwamanje:

1 KwabaseKhorinte 6: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume