1 AMakhosi 7

7
USolomoni Wakha Isigodlo Sakhe
1 USolomoni wasakha isigodlo sakhe wasiqeda ngeminyaka eli-13.
2Wayesakha indlu eyabizwa ngokuthi yiNdlu Yehlathi LaseLebhanoni: ubude bayo babungamakhubhithi ayikhulu, ububanzi bungamakhubhithi angama-50, ukuphakama kungamakhubhithi angama-30, phezu kwezinhla ezine zezinsika zemisedari, kunemishayo yemisedari phezu kwezinsika. 3Yayifulelwe ngemisedari phezu kwemishayo engama-45 eyayiphezu kwezinsika ezili-15, umugqa ngamunye. 4Kwakunezinsika namafasitela emigqeni yomithathu ebhekene, yilowo nalowo mugqa. 5Yonke iminyango nezinsika kwakuyizinhlangothi ezine ngemishayo; ingaphambili lefasitela libhekene nelinye emigqeni yomithathu.
6Wakha indlu yezinsika: ubude bayo babungamakhubhithi angama-50, ububanzi bungamakhubhithi angama-30; yayinomphemegumbi nezinsika phambi kwayo.
7 Wakha indlu yesihlalo sobukhosi, lapho ayezokhiphela khona izahlulelo. Indlu yokwehlulela yayimbozwe ngemisedari, kusukela phansi kuze kushaye phezulu. 8 Isigodlo sakhe lapho ayezohlala khona, kwelinye igceke ngaphakathi komphemegumbi, sasakhiwe ngendlela efanayo. Isigodlo uSolomoni asakhela indodakazi kaFaro eyayimganile, sasakhiwe njengalowo mphemegumbi.
9Konke lokho kwakwakhiwe ngamatshe enani elikhulu, ayebazwe ngokwezilinganiso, asahwa ngamasaha, ngaphakathi nangaphandle, kusukela esisekelweni kuya ophahleni, nangaphandle kuze kuyofika egcekeni elikhulu. 10Ngisho nesisekelo imbala, sasakhiwe ngamatshe enani elikhulu, amatshe amakhulu angamakhubhithi alishumi, namatshe angamakhubhithi ayisishiyagalombili. 11Naphezulu kwakunamatshe enani elikhulu, amatshe abaziweyo ngokwezilinganiso kanye nemisedari. 12 Igceke elikhulu lalizungezwe yimigqa emithathu yamatshe abaziweyo, nomugqa wemishayo yomsedari, njengalokhu kwakwenziwe egcekeni lendlu kaSimakade elingaphakathi nasemphemenigumbi wendlu.
Umsebenzi Owenziwa NguHiramu Ethempelini
13 Inkosi uSolomoni yathumela ukuba kulandwe uHiramu eThire. 14 Wayeyindodana yomfelokazi wesizwana sakwaNafethali, uyise engowaseThire, indoda eyayisebenza ithusi, ihlakaniphile, inokuqonda, futhi inobungcweti bokwenza noma yimuphi umsebenzi wethusi. UHiramu wafika enkosini uSolomoni, wayenzela wonke umsebenzi wayo.
Izinsika Zethusi Ezimbili
15 Wakhanda izinsika zethusi ezimbili, yileyo naleyo ingamakhubhithi ali-18 ubude, zithandelwe ngomucu ongamakhubhithi ali-12. 16Wenza izihlalo ezimbili ngethusi elibunjiweyo, wazibeka phezu kwezinsika; ubude besihlalo ngasinye babungamakhubhithi ayisihlanu, zilingana ncimishi. 17Ezihlokweni ezaziphezu kwezinsika kwakukhona imihlobiso yamanetha ayimigqa, enezinsephe ezaziphicelwe kuwo njengamaketanga; kuyisikhombisa kuleso naleso sihloko. 18Wenza amahananadi aba yimigqa emibili nxazonke, kuyilelo nalelo netha ukwemboza izihloko ezaziphezu kwezinsika. Wenza ngokufanayo nakweyesibili insika. 19Izihloko ezaziphezu kwezinsika ezisemphemenigumbi zazenziwe zafana nezeminduze, kungamakhubhithi amane. 20 Phezu kwezihloko zezinsika zombili ezaziseduze neqhubu elaliseceleni kwenetha, kwakukhona amahananadi angama-200 eyimigqa macala wonke, phezu kwaleso naleso sihloko. 21 Wazimisa izinsika zomphemegumbi wethempeli, insika yangakwesokunene wayiqamba ngokuthi uJakini. Insika yangakwesokhohlo ayimisayo wayibiza ngokuthi uBhowazi. 22Ezihlokweni zezinsika kwakukhona okwenziwe kwafaniswa neminduze; waphela kanjalo umsebenzi wokwenziwa kwezinsika.
ULwandle Olubunjiweyo
23 Wenza ulwandle olubunjiweyo; lwalungamakhubhithi alishumi kusukela komunye umphetho kuze kufike komunye, luyindilinga. Ukuphakama kwalo kwakungamakhubhithi ayisihlanu, luzungezwe nxazonke yintambo yokulinganisa engamakhubhithi angama-30.
24 Phansi komphetho, nxazonke, lwaluzungezwe ngamapulangwe, yileyo naleyo ntambo ingamakhubhithi alishumi, zizungeze ulwandle. Kwakunemigqa emibili yamapulangwe eyayibunjwe ngesikhathi lubunjwa.
25 Lwalumi phezu kwezinkabi ezili-12, ezintathu zibheke ngasenyakatho, ezinye ezintathu zibheke ngasentshonalanga, ezinye izintathu zibheke ngaseningizimu, ezinye ezintathu zibheke ngasempumalanga; ulwandle lwalumiswe phezu kwazo, zonke zifulathelene. 26Uhlonze lwalo lwalubanzi ngangesandla, umphetho walo unjengodini lwendebe, lunjengembali yomduze, lulingana namabhathi ayizi-2 000.
Izinqe Zethusi
27 Wakha izinqe zethusi ezilishumi: ubude besinqe ngasinye bungamakhubhithi amane, ububanzi baso bungamakhubhithi amane, ukuphakama kungamakhubhithi amathathu. 28Lena yiyona ndlela izinqe ezazakhiwe ngayo: zazinemiphetho, nemiphetho eyayiphakathi kwezinsika. 29Emiphethweni eyayibekwe ezinsikeni kwakukhona phakathi kwezinsika izingonyama, izinkabi namakherubhi; kwakunjalo ezinsikeni, phezulu naphansi, kunezingonyama, izinkabi, nemigexo yezimbali elengayo. 30Yileso naleso sinqe sasinamasondo amane ethusi, nemiphini yamasondo yethusi; nezinyawo ezine ezazinezindawo zokusekela umthwalo; lezi zindawo zokusekela zaziphansi komcengezi onemigexo yezimbali, ebhekene nawo wonke. 31Umlomo waso uphakathi kwesihloko, ukuphakama kwawo kuyikhubhithi elilodwa. Umlomo wawo wawuyindilinga, ufana nesinqe, uyikhubhithi nengxenye. Emlonyeni kwakukhona okubaziweyo. Imiphetho yawo iyizinhlangothi ezine, zingeyiyo indilinga. 32Lawo masondo amane ayephansi kwemiphetho; imiphini yamasondo yayisesinqeni; ukuphakama kwesondo kwakuyikhubhithi nengxenye. 33Amasondo ayenziwe njengesondo lenqola yempi; imiphini yamasondo, amabhande awo, izipokwe zawo, namanamfu awo, kwakubunjiwe konke.
34Kwakukhona izindawo zokuwuthwala emagumbini omane aleso naleso sinqe, izingalo zokuwuthwala zihlangene nesinqe. 35Phezu kwesinqe kwakukhona okuyisiyingelezi, nxazonke; ukuphakama kwakho kwakuyingxenye yengalo, okokuwusekela nemiphetho yakho kuhlangene nakho. 36Kulezo zindawo ezingezokuwuthwala nasemiphethweni kwakuqoshwe amakherubhi, izingonyama, namasundu lapho kwakunendawo khona, kukhona nemigexo yezimbali nxazonke. 37 Wazenza kanjalo zonke izinqe ezilishumi; zonke zabunjwa ngendlela efanayo, zinesilinganiso esifanayo, nesimo esifanayo.
38 Wenza imicengezi yethusi elishumi; umcengezi ngamunye wawulingene namabhathi angama-40; yilowo nalowo mcengezi wawungamakhubhithi amane, naphezu kwezinqe ezilishumi ngazinye, kwakukhona umcengezi owodwa. 39 Wazibeka izinqe eziyisihlanu eceleni ngakwesokunene sendlu, neziyisihlanu eceleni ngakwesokhohlo sendlu; wabeka ulwandle eceleni ngakwesokunene sendlu ngasempumalanga yangaseningizimu.
Uhla Lokwenziwa NguHiramu
40 UHiramu wenza leyo micengezi, amafosholo, nezitsha. UHiramu waqeda ukwenza wonke umsebenzi ayewenzela inkosi uSolomoni endlini kaSimakade: 41 izinsika ezimbili, imicengezi emibili ezihloko ezaziphezu kwezinsika, amanetha amabili okwembesa imicengezi eyayisezinhlokweni ezimbili ezazisezihlokweni phezu kwezinsika, 42 amahananadi angama-400, amanetha amabili, imigqa emibili yamahananadi kulelo nalelo netha, okwembesa izihloko zombili ezaziyimicengezi ezaziphezu kwezinsika, 43izinqe ezilishumi, imicengezi elishumi ezinqeni, 44 ulwandle olulodwa, izinkabi ezili-12 phansi kolwandle, 45amabhodwe, amafosholo, nezitsha. Zonke lezi zinto uHiramu azenzela inkosi uSolomoni endlini kaSimakade, zazenziwe ngethusi elicwebezelisiweyo.
46 Inkosi yazibumba esigodini eJordani emhlabathini webumba, phakathi kweSukhothi neZarethani. 47 USolomoni waziyeka zonke izinto zingalinganiswanga ngenxa yobuningi bazo obukhulu kakhulu; nesisindo sethusi okwakungekho okokusikala.
48 USolomoni wezenza zonke izinto ezazisendlini kaSimakade: i-althare legolide, itafula legolide okwakukhona kulo izinkwa zobukhona, 49 izinti zezibani zegolide elicwengekileyo eziyisihlanu ngakwesokunene neziyisihlanu ngakwesokhohlo, phambi kwegumbi eliphakathi, izimbali, izibani, izindlawu, konke wakwenza ngegolide, 50 izindebe, izizenze, izitsha, izinkezo, imicengezi yomlilo, igolide elicwengekileyo, izingibe zegolide zezivalo zendlu engaphakathi, izicabha zendawo engcwelengcwele, nezicabha zendlu yethempeli, konke wakwenza ngegolide.
51 Sewuphelile wonke umsebenzi inkosi uSolomoni eyawenza endlini kaSimakade, uSolomoni wangenisa izinto ezingcwele zikayise uDavide, isiliva, igolide nezitsha, wakubeka engcebeni yendlu kaSimakade.

Okuqokiwe okwamanje:

1 AMakhosi 7: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume