29
Abakhuzi Bempi YamaFilisti Bajuba U-Akhishi Axoshe UDavide
1 AmaFilisti aqoqela wonke amabutho awo e-Afeki; u-Israyeli wayekanise ngasemthonjeni oseJizreyeli. 2 Amakhosi amaFilisti adlula ngamakhulu nangezinkulungwane; uDavide nabantu bakhe babengabokugcina ukudlula no-Akhishi. 3 Base bethi abakhuzi bempi yamaFilisti: “Afunani lawa maHebheru lapha na?”
U-Akhishi wathi kubo abakhuzi bempi yamaFilisti: “Akusiye yini uDavide, inceku kaSawule, inkosi yakwa-Israyeli, okade enami kulezi zinsuku nakule minyaka na? Angifumananga lutho kuye selokhu ahlubuka weza kimi kuze kube namuhla.”
4 Abakhuzi bempi yamaFilisti bamthukuthelela, bathi kuye: “Mbuyisele emuva lowo muntu, makabuyele endaweni yakhe ombeke kuyo, angehli nathi aye empini, funa abe yisitha sethu empini. Yini lo angazincengela ngayo enkosini yakhe uma engezincengele ngamakhanda alawo madoda na?
5 “Lo akusiye yini uDavide ababehlabelela ngaye, besina bethi:
“ ‘USawule ubulele izinkulungwane zakhe,
kodwa uDavide izinkulungwane zakhe ezilishumi,’ na?”
6 U-Akhishi wambiza uDavide, wathi kuye: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade, wena uqotho; ngikubone kukuhle emehlweni ami ukuba uphume futhi ubuye nami empini, ngokuba angifumananga bubi kuwe kusukela ngosuku owafika ngalo kimi kuze kube namuhla, kodwa amakhosi awakuboni kukuhle ukuba uhambe nathi. 7Ngakho-ke buyela emuva, uhambe ngokuthula, ungakwenzi okubi phambi kwamakhosi amaFilisti.”
8 UDavide wathi ku-Akhishi: “Kepha ngenzeni na? Utholeni encekwini yakho, kusukela osukwini engafika ngalo kuwe kuze kube namuhla, ukuba ngingaphumi ukuyokulwa nezitha zenkosi yami, inkosi na?”
9 U-Akhishi waphendula, wathi kuDavide: “Ngiyazi ukuthi umuhle emehlweni ami, ufana nengelosi kaNkulunkulu, nokho abakhuzi bempi yamaFilisti bathe: ‘Akayukukhuphuka nathi, aye empini.’ 10 Ngakho-ke vuka ngovivi kusasa, wena nezinceku zenkosi yakho ezifike nawe. Sukani ekuseni kakhulu lapho sekuqala ukukhanya, nihambe.”
11UDavide nabantu bakhe bavuka ekuseni ngovivi ukuze babuyele ezweni lamaFilisti. AmaFilisti enyukela eJizreyeli.