2 IZikhronike 36

36
UJehowahazi Uyinkosi KwaJuda
1 Abantu bezwe bathatha uJehowahazi indodana kaJosiya, bambeka inkosi eJerusalema esikhundleni sikayise.
2UJehowahazi wayeneminyaka engama-23 ngesikhathi eba yinkosi, wabusa izinyanga ezintathu eJerusalema. 3Inkosi yaseGibhithe yamsusa eJeruselema, izwe yalikhokhisa intela engamathalenta esiliva ayikhulu nethalenta legolide. 4 Inkosi yaseGibhithe yabeka u-Eliyakimi, umfowabo, waba yinkosi kwaJuda naseJerusalema, yaliguqula igama lakhe laba nguJehoyakimi. UNekho wamthatha uJehowahazi, umfowabo, wamyisa eGibhithe.
UJehoyakimi Uyinkosi KwaJuda
5 UJehoyakimi wayeneminyaka engama-25 ngesikhathi eba yinkosi, wabusa iminyaka eli-11 eJerusalema. Wenza okubi emehlweni kaSimakade uNkulunkulu wakhe. 6 Kwase kukhuphuka uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, wambopha ngamaketango, wamyisa eBhabhele. 7 UNebukhadinezari wayisa ezinye izitsha zendlu kaSimakade eBhabhele, wazibeka esigodlweni sakhe eBhabhele.
8 Ezinye izindaba zikaJehoyakimi, nezinengiso azenzayo, nokunye okwafumaniseka kuye; bheka, kulotshwe encwadini yamakhosi akwa-Israyeli nakwaJuda; uJehoyakini, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
UJehoyakini Uyinkosi KwaJuda
9 UJehoyakini wayeneminyaka eyisishiyagalombili ngesikhathi eba yinkosi, wabusa izinyanga ezintathu nezinsuku ezilishumi eJerusalema. Wenza okubi phambi kukaSimakade. 10 Kwathi ekuqaleni konyaka inkosi uNebukhadinezari yathumela ukuba kulethwe inkosi eBhabhele, nezitsha ezinhle zendlu kaSimakade. Yabe isibeka uZedekiya, umfowabo, ukuba abe yinkosi kwaJuda naseJerusalema.
UZedekiya Uyinkosi KwaJuda
11 UZedekiya wayeneminyaka engama-21 ngesikhathi eba yinkosi, wabusa iminyaka eli-11 eJerusalema. 12 Wenza okubi phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakhe. Akazithobanga phambi kukaJeremiya, umphrofethi owayengumlomo kaSimakade. 13 Wayihlubuka futhi nenkosi uNebukhadinezari eyayimfungisile ngoSimakade, wayenza lukhuni intamo yakhe, nenhliziyo yakhe wayenza lukhuni, akaze aphendukela kuSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli. 14Zonke izikhulu zabaphristi nabantu baphambuka kakhulu, benza okungalungile, balandela zonke izinengiso zabezizwe, bayingcolisa indlu kaSimakade ayeyingcwelise eJerusalema.
Ukucekelwa Phansi KweJerusalema Libe Yincithakalo
15 USimakade uNkulunkulu wokhokho babo wathumela izithunywa zakhe ephindelela, ngokuba wayenozwelo ngabantu bakhe nangendawo ahlala kuyo. 16 Kepha bazidelela izithunywa zikaNkulunkulu ngokuwabukela phansi amazwi akhe, nangokubhuqa abaphrofethi bakhe, yaze yaba nkulu intukuthelo kaSimakade ngabantu bakhe, kwesweleka ikhambi lokuyelapha. 17 Ngakho-ke wabehlisela inkosi yamaKhaledi, yabulala izinsizwa zakhona ngenkemba endlini yabo engcwele. Ayibanga naluzwelo ensizweni, entombini, kwabadala, nasemidodovini; wabanikela bonke esandleni sayo. 18 Zonke izitsha zendlu kaNkulunkulu, ezinkulu nezincane, ingcebo yendlu kaSimakade nengcebo yenkosi neyezikhulu zayo, konke yakuyisa eBhabhele. 19 Bayishisa indlu kaNkulunkulu, baludiliza ugange eJerusalema, bazishisa zonke izigodlo ngomlilo, babhubhisa zonke izitsha zakhona ezinxanelekayo.
20 Abasele enkembeni yabathumba yabayisa eBhabhele, baba yizinceku zayo nezamadodana ayo, kwaze kwabusa umbuso wamaPheresiya, 21 ukuba ligcwaliseke izwi likaSimakade ngomlomo kaJeremiya, ukuze izwe laneliseke ngamasabatha alo. Ngazo zonke izikhathi, liyakuba yincithakalo liphumule kuze kuphele iminyaka engama-70.
Isimemezelo SikaKhoresi
22Ngonyaka wokuqala wokubusa kukaKhoresi, inkosi yasePheresiya, ukuze kufezeke izwi likaSimakade alikhuluma ngomlomo kaJeremiya, uSimakade wavusa umoya kaKhoresi, inkosi yasePheresiya, ukuba imemezele embusweni wayo wonke, futhi kulotshwe ukuthi:
23“Usho kanje uKhoresi, inkosi yasePheresiya, uthi: ‘USimakade uNkulunkulu wezulu unginike yonke imibuso yomhlaba, ungiqokile ukuba ngimakhele indlu eJerusalema elikwaJuda. Noma ngubani ophakathi kwenu wabantu bakhe, uSimakade uNkulunkulu makabe naye, akhuphuke.’ ”

Okuqokiwe okwamanje:

2 IZikhronike 36: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume