2 KwabaseKhorinte 13

13
UPawula Uxwayisa Ibandla
1 Lokhu sekungokwesithathu ngiza kini.
“Noma yiliphi izwi
malifakazelwe ngomlomo wofakazi ababili
noma abathathu,
bese liyaqiniswa.”
2 Bengishilo ngaphambilini ngesikhathi ngifikile okwesibili, namanje njengalokhu ngingekho, kulabo abekade bonile nakubo bonke abanye, ukuthi nxa ngifika futhi, angiyukuba nasihawu. 3Lokhu nifuna ubufakazi bokuthi nguKhristu yini okhuluma kimi, Yena akabuthakathaka ukubhekana nani, kodwa unamandla kini. 4 Ngokuba wabethelwa esiphambanweni ngobuthakathaka, kodwa uyaphila ngamandla kaNkulunkulu. Ngokuba nathi sibuthakathaka kuye, kepha lapho sibhekene nani, sizakuphila kanye naye ngamandla kaNkulunkulu.
UPawula Ululeka Ukuba Nabo Bazihlole, Engakafiki
5 Zihloleni nina, nibone ukuthi nisekukholweni yini, zivivinyeni nina. Noma anazi yini ukuthi uJesu uKhristu ukini na? Uma kungenjalo, ningabokwaliwa. 6Kepha ngethemba ukuthi niyazi ukuthi thina asiyibo abokwaliwa. 7Siyakhuleka kuNkulunkulu ukuba ningenzi lutho olubi, hhayi ukuba thina sibonakale sinempumelelo, kepha ukuba nina nenze okuhle, noma thina singaba njengabahlulekile. 8Ngokuba asinamandla okwenza lutho olumelene neqiniso, kuphela ukuba simele iqiniso. 9 Ngokuba siyajabula lapho sibuthakathaka, nina ninamandla, yilokhu esikukhulekelayo, ukuba nipheleliswe. 10 Ngalokho, ngiloba lezi zinto ngingekho, ukuze kuthi uma sengifikile nginganiphathi ngesandla esiqinileyo, ngokwegunya iNkosi eyanginika lona, lokuba ngakhe, ngingabhidlizi.
Isiphetho
11 Elokugcina bazalwane, thokozani, nihlumeleleke, nigqugquzeleke, nibe namqondo munye, futhi nibe nokuthula; khona uNkulunkulu wothando nokuthula uyakuba nani.
12 Bingelelanani ngokwangana okungcwele. 13 Bonke abangcwele bayakhonza kini.
14 Umusa weNkosi uJesu uKhristu, nothando lukaNkulunkulu, nokuhlangana kukaMoya oNgcwele makube nani nonke. Amen.

Okuqokiwe okwamanje:

2 KwabaseKhorinte 13: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume