IZenzo 23

23
UPawula Uphambi Komphakathi
1UPawula wawubuka umkhandlu, wathi: “Madoda, bazalwane, mina ngihambe phambi kukaNkulunkulu nginonembeza omsulwa, kuze kube namuhla.”
2Umphristi omkhulu, u-Ananiya, wayala ababemi eduze naye ukuba bamshaye umlomo. 3 Khona uPawula wathi kuye: “UNkulunkulu uzakukushaya wena ludonga olucakiweyo; uhleli ukuba ungehlulele ngokomthetho, kodwa wephula umthetho ngokuyala ukuba ngishaywe na?”
4Ababemi lapho base bethi: “Uthuka umphristi omkhulu kaNkulunkulu na?”
5 UPawula wayesethi: “Bengingazi, bazalwane, ukuthi ungumphristi omkhulu, ngokuba kulotshiwe ukuthi:
“ ‘Ungakhulumi kabi ngombusi wesizwe sakini.’ ”
6UPawula azi ukuthi bangamaqembu, enye ingxenye ingeyabaSadusi, enye ingeyabaFarisi, wayesememeza emkhandlwini, wathi: “Madoda, bazalwane, mina ngingumFarisi, nendodana yomFarisi, ngibekwe icala lokuthi nginethemba lokuvuka kwabafileyo.”
7Esekushilo lokho, kwaqubuka impikiswano phakathi kwabaFarisi nabaSadusi, izixuku zehlukana kabili. 8 Ngokuba abaSadusi bathi akukho ukuvuka kwabafileyo, nangelosi, namoya, kodwa abaFarisi bayakuvuma konke.
9Kwaqubuka omkhulu umsindo, kwase kusukuma abathile beqembu labaFarisi abayizazimthetho, balwa kakhulu, bethi: “Asifumani lutho olubi kulo muntu. Siyothini uma kukhulume ingelosi noma umoya kuye na?”
10Kuthe sekusuke esinamathambo, induna yenkulungwane yesaba ukuthi uPawula bangahle bamenzakalise, yayisiyala amabutho ukuba ehle, amsuse phakathi kwabo, amyise enkanjini.
11Ngobusuku obulandelayo iNkosi yema ngakuye, yathi: “Yima isibindi; njengokuba ufakaze ngami eJerusalema, kanjalo umelwe ukufakaza naseRoma.”
Icebo LabaJuda Lokumbulala UPawula
12Kwathi kungasa, abaJuda benza itulo, bazibophezela ukuthi abasoze badla futhi baphuze lutho bengakambulali uPawula. 13Babengama-40 labo abenza lelo tulo. 14Baya kubaphristi abakhulu nakumalunga, bathi: “Sizibophezele esifungweni sokuthi asiyukukuthi mbibi ukudla, size simbulale uPawula. 15Ngakho-ke manje, nina kanye nomkhandlu yazisani induna yenkulungwane ukuba imehlisele kini ngokungathi nihlose ukuhlolisisa udaba lwakhe; thina-ke sikulungele ukumbulala engakasondeli.”
16Kepha umshana kaPawula walizwa icebo labo lokumlalela unyendle, bambulale, wayeseya enkanjini, wangena, wambikela uPawula.
17UPawula wabiza enye induna yekhulu, wathi kuyo: “Ake uyise le nsizwa enduneni yenkulungwane, kunokuthile ezakukubika kuyo.”
18Ngakho-ke isiyithathile, yayiyisa enduneni yenkulungwane, yathi: “Isiboshwa uPawula singibizile, sangicela ukuba ngilethe le nsizwa kuwe, kunokuthile ezakukutshela khona.”
19Induna yenkulungwane yayibamba ngesandla, yathi ukugudluka nayo, yayisiyibuza sebebodwa, yathi: “Kuyini ofuna ukungibikela khona na?”
20Yathi: “AbaJuda bavumelene ukuza bakucele ukuba kusasa wehlisele uPawula emkhandlwini, ngokungathi bahlose ukuhlolisisa udaba lwakhe. 21Ngakho-ke ungabavumeli, ngokuba phakathi kwabo kunamadoda angaphezulu kwama-40 azomlalela unyendle, ngokuba azibophe ngesifungo ukuthi awazukudla futhi awazukuphuza engakambulali uPawula. Manje bakulungele lokho, futhi balindele ukuba uvume.”
22Ngakho-ke induna yenkulungwane yayimukisa insizwa, yayiyala ukuba ingatsheli muntu lokho ebizombikela khona.
UPawula Uyiswa EKhesariya
23Induna yenkulungwane yayisibiza izinduna zekhulu ezimbili, yathi kuzo: “Hlelani amabutho angama-200 ukuze alungele ukuya eKhesariya ngehora lesithathu ebusuku, nabagibele amahhashi abangama-70, nabemicibisholo abangama-200. 24Nilungisele noPawula isilwane azogibela kuso, ukuze nimyise kuFelikisi, umbusi, ephephile.”
25Yase iloba incwadi eyayihlelwe kanje: 26“UKlawudiyu Lisiya, kuye uFelikisi umbusi odumileyo, ngiyabingelela.
27 “Le ndoda ibibanjwe ngabaJuda, kwathi lapho sebezoyibulala, ngafika namabutho, ngayisindisa sengizwile ukuthi ingumRoma. 28Ngifuna ukwazi icala abayimangalela ngalo, ngayehlisela emkhandlwini wabo. 29 Ngafumana ukuthi imangalelwe ngezindaba zomthetho wakubo, kodwa kungekho lutho olufanele ukubulawa noma ukuboshwa. 30Kuthe sekudaluliwe kimi ukuthi kunozungu eboshelwe lona, ngayithumela kuwe ngokushesha, ngabayala nabayimangalelayo ukuba beze kuwe bazokhuluma ngayo phambi kwakho.”
31Ngakho-ke amabutho amthatha uPawula njengalokhu ayeyaliwe, amyisa e-Antiphatheri ebusuku. 32Ngakusasa ashiya ababegibele amahhashi ukuba bahambe naye, wona ayesebuyela enkanjini. 33Ekufikeni kwabo eKhesariya banika umbusi incwadi, bammisa noPawula phambi kombusi. 34Umbusi eseyifundile incwadi, wambuza uPawula ukuthi ungowakusiphi isifunda, wathi ukuba ezwe ukuthi ungowaseKhilikhiya, 35wathi: “Sengiyakuluzwa kahle udaba nxa sebefikile abakumangaleleyo.”
Wayeseyala ukuba agcinwe enqabeni kaHerode.

Okuqokiwe okwamanje:

IZenzo 23: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume