IZenzo 4:18-21
IZenzo 4:18-21 ZUL20
Base bebabiza, babadonsa ngendlebe ukuba bangakhulumi, futhi bangafundisi nakanye ngegama likaJesu. Kepha uPhethro noJohane babaphendula, bathi kubo: “Nqumani nina ukuba kulungile yini ebusweni bukaNkulunkulu ukulalela nina kunoNkulunkulu, ngokuba thina asinakuyeka ukukhuluma ngalokho esikubonileyo nesikuzwileyo.” Sebebesabisile babadedela, ngokuba abazanga ukuthi bazobajesiza kanjani lokhu kwakunabantu, bonke bedumisa uNkulunkulu ngalokho okwakwenzekile.




