I-logo yo Hlelo Lokusebenza lweBhayibheli
Isici soku Sesha

IzEnzo 4:18-21 - Qhathanisa Zonke Izinguqulo

IzEnzo 4:18-21 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

Base bebabiza, babayala ngokuthi bangakhulumi, bangafundisi nakanye ngegama likaJesu. Kepha oPetru noJohane baphendula, bathi kubo: “Nqumani nina ukuba kulungile yini ebusweni bukaNkulunkulu ukulalela nina kunoNkulunkulu, ngokuba thina asinakuyeka ukukhuluma ngalokho esikubonileyo nesikuzwileyo.” Khona sebebalayile futhi babayeka, bengafumananga ukuthi bangabajezisa kanjani ngenxa yabantu, ngokuba bonke bedumisa uNkulunkulu ngalokho okwenzekileyo

Dlulisela
IzEnzo 4 ZUL59

IzEnzo 4:18-21 ZUL20 (IsiZulu 2020)

Base bebabiza, babadonsa ngendlebe ukuba bangakhulumi, futhi bangafundisi nakanye ngegama likaJesu. Kepha uPhethro noJohane babaphendula, bathi kubo: “Nqumani nina ukuba kulungile yini ebusweni bukaNkulunkulu ukulalela nina kunoNkulunkulu, ngokuba thina asinakuyeka ukukhuluma ngalokho esikubonileyo nesikuzwileyo.” Sebebesabisile babadedela, ngokuba abazanga ukuthi bazobajesiza kanjani lokhu kwakunabantu, bonke bedumisa uNkulunkulu ngalokho okwakwenzekile.

Dlulisela
IzEnzo 4 ZUL20

IzEnzo 4:18-21 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)

Base bababiza, babayala ukuthi bangakhulumi nakanye, bangafundisi ngegama likaJesu. Kepha oPetru noJohane baphendula, bathi kubo: “Yahlulelani nina ukuthi kulungile yini emehlweni kaNkulunkulu ukulalela nina kunoNkulunkulu. Ngokuba thina asinakuyeka ukukhuluma ngalokho esikubonileyo nesikuzwileyo. Kuthe sebebasongela futhi, babakhulula, bengafumani lutho lokuthi bangabajezisa kanjani ngenxa yabantu, ngokuba bonke babedumisa uNkulunkulu ngalokho okwenzekileyo.

Dlulisela
IzEnzo 4 ZULUNT

IzEnzo 4:18-21 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)

IzEnzo 4 CZB24