5
Idili LikaBhelishazari
1 UBhelishazari, inkosi, wenzela izinduna zakhe eziyinkulungwane idili elikhulu, waphuza iwayini phambi kwaleyo nkulungwane. 2 Kwathi uBhelishazari esalinambitha iwayini wayeseyaleza ukuba kulethwe izitsha zegolide nezesiliva, lezo uNebukhadinezari, uyise, ayezithathe ethempelini eJerusalema, ukuba inkosi, izikhulu zayo, omkayo, nezancinza zayo baphuze ngazo. 3Base beziletha izitsha zegolide ezazithathwe ethempelini eliyindlu kaNkulunkulu, eJerusalema; inkosi, izikhulu zayo, omkayo, nezancinza zayo baphuza ngazo. 4 Baphuza iwayini, badumisa onkulunkulu begolide, abesiliva, abethusi, abensimbi, abomuthi nabetshe.
5Ngaso leso sikhathi kwavela iminwe yesandla somuntu, yaloba maqondana nothi lwezibani, emgudulweni wodonga lwesigodlo senkosi; inkosi yabona ingxenye yesandla esasiloba. 6 Kwase kuhwaqabala ubuso bayo, imicabango yayo yayiyesabisa, kwaxega amanyonga okhalo lwayo, namadolo ayo ashayana.
7 Inkosi yamemeza kakhulu ukuba kulethwe abathwebulayo, amaKhaledi, nabahlola imihlola. Yayisikhuluma inkosi, yathi kwabahlakaniphileyo baseBhabhele: “Noma ngubani ongafunda lo mbhalo, angitshele incazelo yawo uyakwembathiswa okubukhwebezane, afakwe nomgexo wegolide entanyeni yakhe, abuse engowesithathu embusweni.”
8Base bengena bonke abahlakaniphileyo benkosi, kepha behluleka ukuwufunda umbhalo nokuyazisa inkosi ngencazelo yawo. 9 Khona lapho inkosi uBhelishazari yesaba kakhulu, kwahwaqabala ubuso bayo, nezinduna zayo zamangala.
10 Ngenxa yamazwi enkosi nawezinduna zayo kwase kungena indlovukazi endlini yedili, yakhuluma yathi: “Mana njalo, nkosi; imicabango yakho mayingakwesabisi, kungaguquki ukucwebezela kwakho. 11 Kukhona embusweni wakho umuntu okukuye umoya wonkulunkulu abangcwele; okwathi ngezinsuku zikayihlo kwafunyanwa kuye ukukhanya, ukuqonda, nokuhlakanipha okufana nokuhlakanipha kwawonkulunkulu. Inkosi uNebukhadinezari, uyihlo, yambeka waba yinduna yezanusi, eyabathwebulayo, eyamaKhaledi, neyabahlola imihlola, yebo, nkosi, uyihlo, 12 ngokuba kwafunyanwa umoya odluleleyo, ukwazi, nokuqonda ukuchaza amaphupho, ukudalula izimfumbe, nokuqaqa amafindo kukuye uDaniyeli, lowo inkosi eyambiza ngokuthi nguBhelitheshazari; manje makabizwe uDaniyeli, uyakuyisho incazelo.”
UDaniyeli Uchazela Inkosi Umbhalo
13 Ngakho-ke uDaniyeli walethwa phambi kwenkosi. Inkosi yakhuluma, yathi kuye: “Wena unguDaniyeli ongomunye wabathunjwa bakwaJuda, abalethwa yinkosi ubaba, bevela kwaJuda na? 14 Ngizwile ngawe ukuthi umoya wonkulunkulu ukuwe nokuthi kufunyenwe kuwe ukukhanya, ukuqonda, nokuhlakanipha okwedluleleyo. 15Manje-ke kulethwe phambi kwami abahlakaniphileyo nabathwebulayo ukuba bafunde lo mbhalo, bangazise incazelo yawo, kepha behluleka ukungitshela incazelo yale ndaba. 16 Kepha ngizwile ngawe ukuthi ungakwazi ukungazisa izincazelo, usombulule le nkiyankiya. Manje-ke uma ungawufunda lo mbhalo, ungazise incazelo yawo, uyakwembathiswa okubukhwebezane, ufakwe nomgexo wegolide entanyeni yakho, ubuse ube ngowesithathu embusweni.”
17 Wayesephendula uDaniyeli phambi kwenkosi, wathi: “Zigcinele zona izipho zakho, imivuzo yakho uyiphe omunye, nokho ngiyakuyifundela inkosi umbhalo, ngiyazise incazelo.
18 “E, nkosi, uNkulunkulu oPhezukonke wanika uNebukhadinezari uyihlo umbuso, ubukhulu, udumo, nobukhosi. 19 Kepha ngenxa yobukhulu amnika bona, bonke abantu, izizwe, nezilimi bathuthumela, besaba phambi kwakhe; kwathi athanda ukumbulala wambulala, athanda ukumyeka wamyeka; athanda ukumphakamisa wamphakamisa, athanda ukumthobisa wamthobisa. 20 Kepha lapho ezikhukhumeza enhliziyweni yakhe, nomoya wakhe uba lukhuni esezidla, wehliswa esihlalweni sakhe sobukhosi, balususa udumo lwakhe kuye; 21 waxoshwa kubantwana babantu. Inhliziyo yakhe yaba njengeyezilwane, wahlala nezimbongolo zasendle; wadliswa utshani njengezinkabi, nomzimba wakhe wamanziswa ngamazolo ezulu, waze wazi ukuthi uNkulunkulu oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ubeka amthandayo phezu kwayo.
22 “Nawe ndodana yakhe, Bhelishazari, awuyithobisanga inhliziyo yakho, nakuba ukwazi konke lokho, 23 kepha uziphakamisile wamelana neNkosi yasezulwini. Balethe kuwe izitsha zendlu yakhe; wena, nezinduna zakho, nomkakho, nezancinza zakho naphuza iwayini ngazo. Wena ubadumisile onkulunkulu besiliva, abegolide, abethusi, abensimbi, abomuthi, nabetshe, abangaboni, abangezwa, abangazi, kodwa awumdumisanga uNkulunkulu omphefumulo wakho usesandleni sakhe, nokungezakhe zonke izindlela zakho. 24Yayisithunyelwa le ngxenye yesandla ivela kuye, kwalotshwa lo mbhalo.
25“Yilo umbhalo owalotshwa: MENE, MENE TEKEL, UFARSIN.
26 “Nansi incazelo yalokho: MENE: uNkulunkulu uwubalile umbuso wakho, uwuqedile. 27 TEKEL: ulinganisiwe esilinganisweni, ufunyenwe ulula. 28 PERES: umbuso wakho wahlukene, unikelwe kumaMede namaPheresiya.”
29 Khona lapho uBhelishazari wathi, mabembathise uDaniyeli okubukhwebezane, bafake umgexo wegolide entanyeni yakhe, bakhiphe isimemezelo ngaye sokuthi uyakubusa engowesithathu embusweni.
30 Ngalobo busuku uBhelishazari inkosi yamaKhaledi wabulawa. 31 UDariyu umMede wathatha umbuso eneminyaka engama-62.