U-Esteri 6:1-2

U-Esteri 6:1-2 ZUL20

Ngalobo busuku inkosi yaqwasha, yase iyala ukuba kulethwe kuyo umqulu womlando okubhalwe kuwo izehlakalo zemihla ngemihla zombuso wayo, zafundwa phambi kwenkosi. Kwatholakala lapho kwakulotshwe khona ukuthi uMoridekhayi wabaceba kanjani abathenwa ababili, ababengabaqaphi besango lenkosi uBhigithani noThereshi, ngozungu ababelwakhele inkosi u-Ahasheveroshi.