I-Eksodusi 23

23
Ukwehlulela Ngobuqotho Nokunakekelana
1 “Awuyukusabalalisa umbiko ongamanga, awuyukubambisana nababi ukwethula ubufakazi obungamanga. 2 Awuyukulilandela iningi ekwenzeni okungalungile noma lapho wethula ubufakazi ecaleni, awuyukuzihlanganisa neningi ukuze uhlanekezele umthetho. 3 Awuyukukhombisa ukuvuna ompofu ecaleni.
4 “Uma ufumana inkabi yesitha sakho noma imbongolo yaso iduka, yibuyisele kuso. 5Uma ubona imbongolo yalowo okuzondayo ipatalele phansi komthwalo, uyoyeka yini ukuyikhulula? Yelekelele ukuze ikhululeke.
6 “Awuyukubuhlanekezela ubulungiswa ngenxa yabampofu ecaleni labo. 7 Ziqhelelanise nokwethwesa omunye icala lamanga, ungambulali ongenacala noma labo abaseqinisweni, ngokuba angiyukumkhulula onecala.
8 “Awuyukwamukela ukufunjathiswa, ngokuba ukudizelwa kuyaziphuphuthekisa izikhulu, bese kuphambanisa nendlela yalabo abahamba ngokulunga. 9 Awuyukumcindezela umfokazi, uyayazi inhliziyo yomfokazi, ngokuba nani naningabafokazi eGibhithe.”
UNyaka Wesikhombisa Nosuku Lwesikhombisa
10 “Iminyaka eyisithupha uyakutshala insimu yakho, uvune isivuno sayo, 11kodwa ngonyaka wesikhombisa uyakuyiphumuza, awuyukuyilima; uyakuyiyeka ibe yifusi, ukuze abampofu bakini badle, kuthi lokho abakushiyayo kudliwe yizilwane zasendle. Uyokwenza kanjalo nangesivini sakho nangeminqumo yakho.
12 “Uyakusebenza izinsuku eziyisithupha, uphumule ngosuku lwesikhombisa, ukuze inkabi yakho, nembongolo yakho kuphumule, nesigqila esizalelwe kwakho, nogogobele kwakho bahlunyelelwe.
13 “Kuqapheleni konke engikusho kini. Ningakhuleki emagameni abanye onkulunkulu; ningawaphathi ngisho nangemilomo yenu amagama abo.”
Imithetho Yemikhosi Emikhulu
(I-Eks. 34:18-26; IDut. 16:1-17)
14 “Uyongenzela imikhosi kathathu ngonyaka.
15 “Ngenyanga u-Abibi, inyanga owaphuma ngayo eGibhithe, uyogubha umkhosi wesinkwa esingenamvubelo ngendlela engakuyala ngayo. Ezinsukwini eziyisikhombisa zalo mkhosi ungasidli isinkwa esinemvubelo. Makungezi muntu phambi kwami engaphethe lutho.
16 “Uyogubha umkhosi wokuvuna wezithelo zokuqala zomsebenzi wakho owuhlwanyele ensimini.
“Ugubhe umkhosi wokuqoqa konke okulime ensimini ekupheleni konyaka. 17 Kathathu ngonyaka bonke abesilisa bakho bayokuza phambi kweNkosi uSimakade.
18 “Awuyukuletha kimi igazi lomhlatshelo wami nanoma yini okunemvubelo, noma ugcine amanoni omkhosi wami kuze kube ngakusasa.
19 “Ngonyaka uyoletha endlini kaSimakade uNkulunkulu wakho okwekhethelo kwesivuno sakho sokuqala.
“Ungalipheki izinyane lembuzi obisini lukanina.”
Isithembiso Sezwe IKhanani
20 “Bheka, ngizothumela ingelosi ikwandulele ukuze ikuvikele ohambeni, futhi ikufinyelelise endaweni engiyilungisileyo. 21 Ilalelisise, futhi uyithobele. Ungayivukeli, ngokuba ayiyukuzithethelela iziphambeko zenu, ngokuba igama lami likuyo. 22 Kepha uma ulalela nokulalela izwi layo wenza konke ekutshela khona, ngiyobazonda abakuzondayo, ngibe yisitha sezitha zakho. 23 Ingelosi yami izokwandulela, ikuyise kuma-Amori, kumaHithi, kumaPherizi, kumaKhanani, kumaHivi, nakumaJebusi, ngiyowabhubhisa. 24 Ungabakhothameli onkulunkulu bawo, ungahuheki ukuba ubakhonze, ungazenzi izinto azenzayo. Kodwa uyobabhidliza onkulunkulu bawo, ucekele phansi izinsika zabo zamatshe. 25 Niyakumkhonza uSimakade uNkulunkulu wenu, Mina ngiyobusisa ukudla namanzi enu, ngisuse izifo phakathi kwenu. 26 Ezweni lakini akekho owesifazane oyophuphunyelwa yisisu, noma oyoba yinyumba. Ngiyokupha impilo ende.
27 “Ngiyokwenza abantu abamelene nawe bangesabe; ngilethe ukudideka phakathi kwabantu olwa nabo, ngenze zonke izitha zakho zikubalekele. 28 Ngiyokwenza izitha zakho zithuthumele, ngigudluze amaHivi, amaKhanani namaHithi phambi kwakho. 29Angiyukuzixosha phambi kwakho ngonyaka owodwa; uma ngingenza kanjalo, izwe liyosala dengwane, kuthi izilwane zasendle zibe ziningi kunawe. 30Kunalokho, ngizozixosha phambi kwakho kancane kancane, uze wande ngokwanele ukuba ulidle izwe. 31 Ngiyokwandisa imingcele yezwe lakho kusukela oLwandle Lomhlanga kuze kufike olwandle lwamaFilisti, kusukela ehlane kuze kushaye emfuleni. Ngiyonipha amandla phezu kwezakhamuzi zezwe, nizixoshe phambi kwenu. 32 Ningenzi isivumelwano nazo, noma nonkulunkulu bazo. 33 Abayukuhlala ezweni lakini, funa banenze none kimi, ngokuba uma nikhonza onkulunkulu bazo, bayokuba wugibe kini.”

Okuqokiwe okwamanje:

I-Eksodusi 23: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume