28
Izingubo Zabaphristi
1 “Biza u-Aroni umfowenu phakathi kwabantu bakwa-Israyeli namadodana akhe, uNadabi, u-Abhihu, u-Eleyazare no-Ithamari beze kuwe, ukuba babe ngabaphristi bami bangikhonze. 2Uyakumthungela u-Aroni umfowenu izingubo ezingcwele, ezinhle nezokuzihlobisa. 3 Uyakukhuluma kubo bonke abanekhono, engibaphile ikhono ukuba bathungele u-Aroni izingubo ukuze ahlukaniswe abe ngumphristi wami, angikhonze. 4Yilezi izingubo abayozithunga: isivikelo sesifuba, ingubo yamahlombe, ingubo, ibhantshi elihlotshisiweyo, umshuqulo, nombhunkulo. Lapho bethungela u-Aroni namadodana akhe lezi zingubo ezingcwele ukuze bangikhonze bengabaphristi, 5 bayosebenzisa okuyigolide, okuluhlaza okwesibhakabhaka, okubukhwebezane, okubomvu, nelineni elicolekileyo.
6 “Bayokwenza ingubo yamahlombe ngokuyigolide, ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, nangelineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo, kube ngumsebenzi wobungcweti obukhulu. 7Iyakuba neziziba ezimbili zasemahlombe ezihlanganisiwe emachosheni azo ukuze zikwazi ukubopheka. 8Ibhande elikuyo liyokwenziwa ngobuciko obufanayo ngokuyigolide, ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, nangelineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo. 9Uyothatha amatshe amabili aligugu i-oniksi, uqophe kuwo amagama ali-12 amadodana ka-Israyeli; 10amagama ayisithupha etsheni elilodwa, namanye ayisithupha kwelinye itshe njengokwelamana kwawo. 11Njengomqophi eqopha isisicilelo, uyowaqopha lawa matshe amabili ngamagama amadodana ka-Israyeli, bese uwafaka azungezwe yizisekelo zegolide. 12Uyowabeka lawa matshe ezizibeni zengubo yamahlombe njengesikhumbuzo samadodana ka-Israyeli, bese u-Aroni awembathe amagama abo emahlombe akhe phambi kukaSimakade kube yisikhumbuzo. 13 Uyokwenza izisekelo zegolide, 14namaketanga amabili egolide elicwengekileyo, uwenze abe njengamagoda, uwathandele ezisekelweni zegolide.
Isivikelo Sesifuba
15 “Uyokwenza isivikelo sesifuba sokwehlulela, ngobungcweti, uyakusenza ngendlela okwenziwe ngayo ingubo yamahlombe, sibe yigolide, okuluhlaza okwesibhakabhaka, okubukhwebezane, okubomvu, nokwelineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo. 16Siyakuba yisikwele, siphindwe kabili, ubude nobubanzi baso bube ngangokuvuleka kwesandla. 17Uyofaka kuso imigqa emine yamatshe. Kuyokuba ngumugqa onerubhi, yithophazi nebherili; 18emugqeni wesibili; kube yithurikhosi, yisefaya, ne-emeraldi; 19emugqeni wesithathu; kube yijasinithe, yi-agathe, ne-amethiyisti; 20emugqeni wesine kube yikhrisolithe, yi-oniksi, nejasipheri, konke lokhu kuzungezwe ngezisekelo zegolide. 21Kuyakuba ngamatshe ali-12 ngangesibalo samagama amadodana ka-Israyeli. Ayofana nezisicilelo, yilelo nalelo liqoshwe igama lesizwe ngasinye kwezili-12. 22Uyokwenza kuso isivikelo sesifuba amaketanga egolide anjengamagoda aphothiweyo. 23Wenze kuso amasongo amabili egolide, uwanamathelise emachosheni esivikelo sesifuba. 24Uyofaka amaketanga amabili egolide nezintambo zegolide emasongweni omabili esivikelo sesifuba asemaceleni. 25Amachopho amabili amagoda, uyowathandela ezisekelweni bese uwathandela phambili ezizibeni zengubo yamahlombe. 26Uyokwenza amasongo amabili egolide, uwafake emachosheni omabili esivikelo sesifuba, engxenyeni engaphakathi eseduze nengubo yamahlombe. 27Uyokwenza amasongo amabili egolide, uwafake phambili emachosheni omabili omphetho wengubo yamahlombe kuthi okuhlanganisiwe kube phezu kwebhande elihlotshisiweyo. 28Isivikelo sesifuba siyoboshwa ngamasongo aso, siboshelwe emasongweni engubo yamahlombe ngentambo eluhlaza okwesibhakabhaka, ukuze sibe phezu kwebhande lengubo yamahlombe elifekethisiweyo, nokuba isivikelo sesifuba singakhumuki engutsheni yamahlombe.
29“U-Aroni uyokwembatha amagama amadodana ka-Israyeli esivikelweni sesifuba sokwehlulela esiqondene nenhliziyo yakhe, lapho engena endaweni engcwele, kube yisikhumbuzo esingapheliyo phambi kukaSimakade. 30 Uyofaka esivikelweni sesifuba sokwehlulela, i-Urimi neThumimi, kuyakuba ngasenhliziyweni ka-Aroni lapho engena phambi kukaSimakade, ngakho-ke u-Aroni uyakuthwala njalo enhliziyweni yakhe phambi kukaSimakade, ukwehlulelwa kwabakwa-Israyeli.”
Ezinye Izingubo Zobuphristi
31 “Uyokwenza ingubo emboza ingubo yamahlombe ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, 32iyakuba nembobo yekhanda phakathi nayo, ibe nomphetho owelukiweyo oyizungezile le mbobo, njengembobo yebhantshi lensimbi ukuze ingadabuki. 33Emphethweni wayo ongezansi uyofaka amahananadi enziwe ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, nangokubomvu, kuwuzungeze wonke umphetho wayo, kube nokhencekhence begolide phakathi kwawo, 34kube yisikhencezo segolide nehananadi kuzungeze umphetho wengubo. 35U-Aroni uyakuyigqoka njalo uma eyokhonza, ukukhenceza kwayo kuyozwakala lapho eya endaweni engcwele phambi kukaSimakade, nalapho ephuma, ukuze angafi.
36 “Uyokwenza ucwecwe lwegolide elicwengekileyo, uqophe kulo njengokuqoshwa kwendandatho, ukuthi: ‘Wehlukaniselwe uSimakade.’ 37Uyolubophela emshuqulweni ngentambo eluhlaza okwesibhakabhaka, lube phambi kwalo. 38 Luyokuba sebunzini lika-Aroni. U-Aroni uyakuthwala icala lanoma yimuphi umnikelo ongcwele, abantu bakwa-Israyeli abawehlukanisa njengomnikelo ongcwele, luyohlala njalo ebunzini lakhe ukuze bamukeleke phambi kukaSimakade.
39 “Uyokweluka ibhantshi ngelineni elicolekileyo, nomshuqulu ngelineni elicolekileyo, nebhande elifekethisiweyo. 40 Uyowathungela amabhantshi amadodana ka-Aroni, amabhande, nezigqoko, kube ngawokuhloba kwawo. 41 Uyokugqokisa u-Aroni, umfowenu namadodana akhe. Uyobagcoba, ubabeke, ubangcwelise ukuba bangikhonze bengabaphristi.
42 “Uyobenzela namabhulukwe elineni ukuze kufihlwe ubunqunu babo, asuke okhalo aze afinyelele emathangeni. 43 U-Aroni namadodana akhe bayowagqoka lapho bengena ethendeni lokuhlangana, nalapho besondela e-althare ukuyokhonza endaweni engcwele, uma bengenzi kanjalo bayakuzithwesa icala, bafe. Lokhu kuyakuba yisimiso saphakade kuye nasezizukulwaneni zakhe kuze kube phakade.