38
Isiphrofetho NgoGogi
1Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: 2“Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kuGogi, izwe likaMagogi isikhulu sakwaRoshe eMeshekhe naseThubhali, uphrofethe umelene naye, 3uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngimelene nawe Gogi, sikhulu sakwaRoshe, eMeshekhe naseThubhali. 4Ngiyakukuguqula, ngifake izingwegwe emihlathini yakho, ngikukhiphe nayo yonke impi yakho, amahhashi nabagibeli bawo, bonke bevunule bephelele, iviyo elikhulu eliphethe amahawu nezihlangu, bonke bephethe izinkemba zabo zimenyezela. 5IPheresiya, iKhushe nePhuthi kukanye nabo, bonke bephethe izihlangu, befake nezigqoko zensimbi, 6iGomere nawo wonke amabutho alo, iBhethe Thorigama engasekugcineni kwasenyakatho nawo wonke amaviyo akhe, abantu abaningi bekanye nawe.
7“ ‘ “Yima ngomumo, yebo, uzilungiselele, wena nawo wonke amaviyo akho abuthene kuwe, ukuba ube ngumlindi wawo. 8Kuyokwedlula izinsuku eziningi bese uqoqwa; kuyakuthi ngeminyaka yokugcina ungene ezweni elibuyiswe enkembeni, eliqoqwe ezizweni eziningi, ezintabeni zakwa-Israyeli ezazihlala ziyincithakalo, selikhishiwe kubantu, manje sebezohlala belondekile bonke. 9Uyakukhuphukisa okwesishingishane, usibekele izwe njengefu, wena nawo wonke amaviyo akho, nezizwe eziningi zikanye nawe.”
10“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Kuyakuthi ngalolo lusuku kufike imizindlo enhliziyweni yakho, bese uceba amacebo amabi. 11Uyakuthi: Ngiyakwenyukela ezweni elinemizana engabiyelwe, ngiye kwabazinzileyo abahlala belondekile, bonke abahlala lapho kungenalugange khona, kungekho migoqo namasango, 12bese ngibaphanga, ngibaqhwage impahla, ngelule isandla sami, ngimelane nezindawo okungahlali muntu kuzo, nabantu abaqoqwe ezizweni base bezizuzela imfuyo nempahla, labo abahlala enkabeni yezwe.
13“ ‘ “ISheba, iDedani nabahwebi baseTharishishi nayo yonke imizana yakini, kuyakuthi kuwe: Ngabe uzophanga yini na? Uqoqe iviyo lakho ukuba uzoqhwaga impahla, uthathe isiliva, igolide, imfuyo, nempahla, uphange impango eningi na?” ’
14“Ngakho-ke ndodana yomuntu, phrofetha, uthi kuGogi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Angithi uyakukwazi lokho ngalolo lusuku, lapho abantu bami u-Israyeli behleli ngokulondeka na? 15Uyakufika usuka kude endaweni yakho esekugcineni enyakatho, wena nezizwe eziningi oyakuba uhamba nazo, bonke begibele amahhashi, iviyo elikhulu nempi enamandla. 16Uyakukhuphukela khona ukuba uthelekele abantu bami u-Israyeli, njengefu lisibekela izwe. Kuyakuthi ngezinsuku ezizayo ngikuyise kubantu bami, ukuze izizwe zazi lapho ngizibonakalisa ngawe, Gogi, ukuthi ngingcwele, ziyakuzibonela ngawazo amehlo.”
17“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Akuwena yini engakhuluma ngaye ngezinsuku zasemandulo ngomlomo wezinceku zami, abaphrofethi bakwa-Israyeli ababephrofetha ngalezo zinsuku, iminyaka eminingi ukuthi ngiyakukuthumela kubo ukuba umelane nabo na? 18Kuyakuthi ngalolo lusuku, mhla uGogi ehlasela izwe lakwa-Israyeli, kuvuke ulaka lwami oluvutha bhe. 19Ngesikhwele nangolaka lwami oluvuthayo ngikhulumile, ngathi: Impela ngalolo lusuku kuyakuba khona ukuzamazama okukhulu ezweni lakwa-Israyeli. 20Kuyakuthuthumela ebukhoneni bami izinhlanzi zolwandle, izinyoni zezulu, izilwane zasendle, zonke izilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, bonke abantu abasebusweni bomhlaba, izintaba zidilikele phansi, kuwe amawa nazo zonke izingange. 21Ngiyakumbizela inkemba uGogi imelane naye, ivela kuzo zonke izintaba zami, inkemba yalowo nalowo iyakumelana nomfowabo. 22Ngiyakumehlulela ngobhubhane nangokuchitheka kwegazi, ngimthelekele ngemvula ekhukhulayo, ngamatshe esichotho, nesibabule esivuthayo ngisehlisele kuye, emabuthweni akhe, nasezizweni eziningi ezikanye naye. 23Ngiyakububonakalisa kanjalo-ke ubukhulu bami nobungcwele bami, futhi ngizazise phambi kwezizwe eziningi, ziyakukwazi ukuthi nginguSimakade.” ’ ”