IGenesisi 11

11
Umbhoshongo WaseBhabhele
1Emhlabeni wonke abantu babekhuluma lulimi lunye. 2 Basuka empumalanga baze bayofika emathafeni eShinari, bahlala khona. 3 Babonisana, bathi: “Wozani sibumbe izitini, sizipheke emlilweni ukuze ziqine!”
Esikhundleni samatshe babumba izitini, esikhundleni sodaka benza ibhithumeni. 4 Base bethi: “Wozani sizakhele isithabathaba somuzi onombhoshongo omude ofinyelela esibhakabhakeni, ukuze ngawo sizakhele igama emhlabeni, singahlakazeki nezwe lonke!”
5 USimakade wehla ukuzobona umuzi nombhoshongo owawakhiwe ngabantu. 6 Wathi: “Bheka, laba bantu basizwe sinye, bakhuluma lulimi lunye. Lokhu kuseyisiqalo nje sezinto abazozenza. Manje sebezokwenza noma yini abazimisele ukuyenza. 7 Wozani sehle, siphambanise ulimi lwabo, khona bezogcina bengasezwani ukuthi omunye uthini komunye.”
8 USimakade wabahlakaza kanjalo-ke bagcwala umhlaba wonke, bakuyeka ukwakha umuzi. 9 Lowo muzi wabizwa ngokuthi yiBhabhele, ngokuba kulapho uSimakade aphambanisa khona ulimi lomhlaba wonke, wayesebahlakaza bagcwala umhlaba wonke.
Izizukulwane ZikaShemu
(1 IZik. 1:24-27)
10 Nanku umlando wezizukulwane zikaShemu. Kwaphela iminyaka emibili unqamukile uzamcolo, uShemu eseneminyaka eyikhulu, wazala u-Arifaksadi. 11Esemzele u-Arifaksadi, waphila iminyaka engama-500: wayezele namanye amadodana namadodakazi.
12Kuthe u-Arifaksadi eseneminyaka engama-35, wazala uShela. 13Emva kokuzala uShela, u-Arifaksadi waphila iminyaka engama-403, wabuye wazala amadodana namadodakazi.
14UShela wayeseneminyaka engama-30 ezala u-Ebhere. 15Esemzele u-Ebhere, waphila iminyaka engama-403, wabuye wazala amadodana namadodakazi.
16Kuthe u-Ebhere eseneminyaka engama-34, wazala uPhelegi. 17Esemzele uPhelegi, u-Ebhere waphila iminyaka engama-430, wabuye wazala amadodana namadodakazi.
18UPhelegi eseneminyaka engama-30, wazala uRegu. 19Esemzele uRegu, uPhelegi waphila iminyaka engama-209, wabuye wazala amadodana namadodakazi.
20URegu eseneminyaka engama-32, wazala uSerugi. 21Esemzele uSerugi, uRegu waphila iminyaka engama-207, wabuye wazala amadodana namadodakazi.
22USerugi eseneminyaka engama-30, wazala uNahori. 23Esemzele uNahori, uSerugi waphila iminyaka engama-200, wabuye wazala amadodana namadodakazi.
24 UNahori eseneminyaka engama-29, wazala uThera. 25Esemzele uThera, uNahori waphila iminyaka eyi-119, wabuye wazala amadodana namadodakazi.
26Kuthe uThera eseneminyaka engama-70, wazala u-Abhrama, uNahori, noHarana.
Izizukulwane ZikaThera
27Nanku umlando wezizukulwane zikaThera. UThera wazala u-Abhrama, uNahori, noHarana. UHarana wazala uLothi. 28 UHarana wafa kuqala kunoyise uThera ezweni ayedabuka kulo i-Uri lamaKhaledi. 29 U-Abhrama noNahori baganwa. U-Abhrama waganwa nguSarayi, uNahori waganwa nguMilikha, owayeyindodakazi kaHarana, owayezala u-Isikha. 30 USarayi wayeyinyumba, engenabantwana.
31 UThera wathatha indodana yakhe u-Abhrama noLothi owayezalwa nguHarana, nomalokazana wakwakhe uSarayi owayegane u-Abhrama, bonke base belifulathela i-Uri lamaKhaledi, balibangisa eKhanani. Bafika bahlala eHarana. 32UThera waphila iminyaka engama-205, wafela eHarana.

Okuqokiwe okwamanje:

IGenesisi 11: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume