IGenesisi 47

47
UJakobe Nomndeni Wakhe Bethulwa KuFaro
1UJosefa wangena, wabikela uFaro, wathi: “Ubaba nabafowethu, nemihlambi yabo yezimvu, neyezinkomo, nakho konke abanakho, sebefikile bevela eKhanani, manje sebeseGosheni.”
2Wathatha abahlanu phakathi kwabafowabo wayobethula kuFaro.
3 UFaro wathi kubafowabo: “Uyini umsebenzi wenu na?”
Bathi kuFaro: “Izinceku zakho zingabelusi bemihlambi, thina nobaba.”
4Baqhubeka bathi kuFaro: “Size ukuzogogobala kuleli lizwe, ngokuba akukho madlelo emfuyo yezinceku zakho, lokhu indlala ibhokile eKhanani. Ngakho-ke izinceku zakho ziyacela ukuba uzivumele zihlale eGosheni.”
5UFaro wathi kuJosefa: “Uyihlo nabafowenu beze kuwe, 6 iGibhithe lisezandleni zakho. Uyihlo nabafowenu bahlalise endaweni enhle ezweni, mabahlale eGosheni. Uma kukhona phakathi kwabo abanekhono lokwelusa, ubabeke babe ngabaphathi bemfuyo yami.”
7 UJosefa wayesemngenisa uyise, uJakobe, wamethula kuFaro. UJakobe wambusisa uFaro. 8UFaro wathi kuJakobe: “Mingaki iminyaka yakho na?”
9 UJakobe waphendula wathi: “Izinsuku zokugogobala kwami emhlabeni seziyiminyaka eyi-130, zimfishane, kanti bezigcwele ubunzima. Kaziqhathaniseki nokho neminyaka eyaphilwa ngokhokho bami ngesikhathi eside sokugogobala kwabo.”
10 UJakobe wambusisa uFaro, wayesesuka phambi kukaFaro.
11 UJosefa wabahlalisa uyise nabafowabo, wabanika indawo eGibhithe, indawo enhle kakhulu eRamesesi njengoba uFaro ayebayalile. 12 UJosefa wamhlinzeka uyise, nabafowabo, nabo bonke abendlu kayise ngokudla, ngokwenani labantu abasezindlini zabo.
UJosefa Uphethe KwelaseGibhithe Ngesikhathi Sendlala
13Kwakungekho kudla ezweni lonke, ngokuba indlala yayibhokile eGibhithe naseKhanani. 14UJosefa waqoqa yonke imali eyayitholakala eGibhithe, neseKhanani, abantu ababeza ukuzothenga ngayo ukudla. Yonke leyo mali wayiyisa endlini kaFaro. 15Lapho isiphelile imali eGibhithe naseKhanani, bonke abaseGibhithe beza kuJosefa, bathi: “Sinike ukudla. Yini ukuba sife ubhekile na? Isiphelile imali yethu.”
16Wayesethi uJosefa: “Uma ningasenayo imali, lethani imfuyo yenu, mina ngizoninika ukudla.”
17Baletha kuJosefa imfuyo yabo, imihlambi yezinkomo, izimbongolo, izimvu, izimbuzi, namahhashi, yena wabanika ukudla. Wabondla kanjalo-ke uJosefa ngalowo nyaka.
18Kuthe sewuphelile lowo nyaka baphindela kuye ngonyaka olandelayo, bathi: “Singeke sikufihlele lokhu nkosi; imali, nemfuyo yethu, nezinkomo, sekuphelile; asisenalutho nkosi ngaphandle kwethu nomhlaba wethu. 19Sizakufelani phambi kwakho na? Sithenge nemihlaba yethu, ukuze thina nemihlaba yethu sibe yizigqila zikaFaro, siphile, futhi sithole imbewu, singafi, nezwe lingabi yihlane.”
20UJosefa wamthengela uFaro lonke iGibhithe, ngokuba bonke abaseGibhithe base bethengise ngamasimu abo ngenxa yokuba nzima kwendlala phezu kwabo; izwe lonke kwaba ngelikaFaro. 21UJosefa wabasusa abantu kulo lonke iGibhithe, wabayisa emizini. 22Umhlaba wabaphristi yiwo kuphela angawuthenganga, ngokuba kwakunesabelo sabaphristi esivela kuFaro. Babedla leso sabelo ababesinikwe nguFaro, yingakho bengawuthengisanga umhlaba wabo.
23UJosefa wathi kubantu: “Njengoba manje uFaro sengimthengele nina nomhlaba wenu, nansi-ke imbewu yenu enizoniyihlwanyela emhlabathini. 24 Kuyakuthi lapho senivunile, uFaro nimnike ingxenye yesihlanu, izingxenye ezine zibe yimbewu yamasimu enu, nokudla kwenu, nokwabendlu yenu, nabantwana benu.”
25Bathi: “Usisindisile, ngakho-ke masifumane umusa kuwe nkosi, siyakuba yizigqila zikaFaro.”
26UJosefa wakumisa lokhu kwaba wumthetho mayelana nomhlaba eGibhithe; kusengumthetho osebenzayo nanamuhla, ukuthi ingxenye yesihlanu yezitshalo ingekaFaro. Ngumhlabathi wabaphristi kuphela ongazange ube ngokaFaro.
Isicelo Sokugcina SikaJakobe
27 Abakwa-Israyeli bahlala eGibhithe eGosheni, baba nempahla eningi, bazalana, banda kakhulu. 28 UJakobe wahlala eGibhithe iminyaka eyi-17. Izinsuku zikaJakobe neminyaka yokuphila kwakhe emhlabeni kwaba yi-147. 29 Zasondela izinsuku zika-Israyeli zokuba afe, wayesebiza indodana yakhe uJosefa, wathi kuyo: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, ngiyakucela, faka isandla sakho phansi kwethanga lami, bese ungethembisa ukuthi uyongenzela umusa neqiniso. Uze ungangingcwabi lapha eGibhithe, 30 lapho sengilele kobaba, ubongithwala, ungikhiphe eGibhithe uyongingcwaba ethuneni lobaba.”
UJosefa wathi: “Ngizokwenza njengoba ushilo.”
31 UJakobe wathi: “Funga.”
Wayesefunga. U-Israyeli wayesekhothamela enhla nombhede.

Okuqokiwe okwamanje:

IGenesisi 47: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume