KumaHebheru 6

6
Kuhle Baqhubeke Ekwazini Kokukholwa; Ukusilela Kulokho Kunengozi
1 Ngakho-ke masedlule emfundisweni yokuqala ngoKhristu, siqhubekele phambili kokupheleleyo, singabuyi sibeke isisekelo sokuphenduka emisebenzini efileyo, nokukholwa nguNkulunkulu, 2 nemfundiso ngombhabhadiso, ngokubeka izandla, ukuvuka kwabafileyo, nokwehlulelwa okuphakade. 3 Lokho siyakukwenza uma uNkulunkulu evuma.
4 Ngokuba akunakwenzeka ukuba labo asebake bakhanyiswa, banambitha isiphiwo sasezulwini, benziwa abahlanganyeli kuMoya oNgcwele, 5 banambitha izwi elihle likaNkulunkulu namandla ezwe elizayo; 6 akunakwenzeka ukuba bathi sebehlubukile, bayibethela bona uqobo iNdodana kaNkulunkulu, ukuba babuye futhi baphenduke, lokhu bayithele ngehlazo obala.
7 Ngokuba umhlabathi uyayiphuza imvula elokhu iwela kuwo, uhlumise imifino ebasizayo labo abawulinyelwayo, wamukele isibusiso kuNkulunkulu. 8 Kepha uma uveza ameva namakhakhasi, awunamsebenzi walutho, futhi kusele kancane ukuba uqalekiswe, ngokuba isiphetho sawo ngukushiswa.
9 Kepha bathandekayo, noma sikhuluma kanje, sineqholo lokuthi ninakho okungcono okuqondene nensindiso. 10 Ngokuba uNkulunkulu akasiye ongalungile ukuba akhohlwe ngumsebenzi wenu nothando enalubonakalisa egameni lakhe, lokhu ngokukhonza abangcwele, futhi enisalokhu niqhubeka nibakhonza.
11 Sifisa sengathi kungaba yilowo nalowo kini akhombise lokho kushisekela okufanayo, lize lipheleliswe ithemba lenu kuze kube sekugcineni; 12 ukuze ningabi ngamavila, kodwa nilingise labo okuthe ngokukholwa nangokubekezela badla ifa lezithembiso.
Isithembiso SikaNkulunkulu Esiqinisekileyo
13 Ngokuba ngesikhathi uNkulunkulu ethembisa u-Abhrahama, wazifunga Yena uqobo, ngokuba wayengekho omkhulu kunaye ayengamfunga, 14 wathi: “Impela ngiyakukubusisa nokukubusisa, ngikwandise nokukwandisa.”
15 Ngakho-ke esebekezele, wakuzuza akwethenjiswayo.
16 Phela abantu bafunga omkhulu kunabo; kubona isifungo siyakuqeda ukuphikisana konke, siqinise. 17 Ngalokho-ke uNkulunkulu ethanda kakhulu ukubonisa izindlalifa zesithembiso icebo lakhe elingaguquki, waliqinisekisa ngesifungo, 18 ukuze ngezinto ezimbili ezingenakuguquleka, okungelula ukuba uNkulunkulu angaqamba amanga ngazo: thina esigijimile ukuyobamba ithemba esilimiselweyo, sifumane ukugqugquzeleka okukhulu. 19 Leli themba sinalo linjengehange lomphefumulo, liqinile, ligxilile, lingena kokungaphakathi kwesihenqo, 20 lapho uJesu eyisigijimi wasandulela wangena khona, sewaba ngumphristi omkhulu kuze kube phakade, ngokokuma kukaMelkhizedeki.

Okuqokiwe okwamanje:

KumaHebheru 6: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume