U-Izaya 11

11
Isiphrofetho Ngehlumela LikaJese
1Kuyakuvela ihlumela esiqwini sikaJese,
kumile igatsha ezimpandeni zakhe, lithele.
2UMoya kaSimakade uyohlala phezu kwakhe,
umoya wokuhlakanipha nowokuqonda,
umoya wamasu nowamandla,
umoya wokwazi nowokumesaba uSimakade.
3Intokozo yakhe iyakuba sekumesabeni uSimakade;
akayukwehlulela ngokubona kwamehlo akhe,
noma anqume ngakuzwe ngosizwile.
4Kepha uyakwehlulela abampofu ngokulunga,
alunqume ngokufaneleyo
udaba lwabathobekileyo bomhlaba,
uyakushaya umhlaba ngentonga yomlomo wakhe,
ababulale ababi ngokuphefumula kwezindebe zakhe.
5Ukulunga kuyoba yibhande okhalo lwakhe,
ukwethembeka kube yibhande lamanyonga akhe.
6Inkentshane liyoquba newundlu,
ingwe ibuthise ndawonye nezinyane lembuzi,
ithole nebhongo lengonyama;
kukhuluphaliswe ndawonye,
kuqhutshwe yingane encane.
7Inkomo nebhele kuyakuklaba ndawonye,
namazinyane akho abuthise ndawonye,
ibhubesi lidle utshani njengenkabi.
8Umntwana osancela uyodlala ngasemgodini wemfezi;
olunyuliwe afake isandla sakhe
emgodini webululu.
9Abayukukwenza okubi,
noma babhubhise entabeni yami engcwele,
ngokuba umhlaba wonke
uyogcwala ukumazi uSimakade
njengamanzi esibekela ulwandle.
10Ngalolo lusuku impande kaJese iyakuma njengebhanela lezizwe; abezizwe bayoyifuna, nendawo yayo iyokuba nodumo.
11Kuyothi ngalolo lusuku, iNkosi ibuye yelule isandla sayo okwesibili ukubutha insali yabantu bayo e-Asiriya, eGibhithe, ePhathirosi, eKhushe, e-Elamu, eShineyari, eHamathi, naseziqhingini ezisolwandle.
12Iyophakamisela abezizwe ibhanela,
ibuthe abaxoshiweyo bakwa-Israyeli,
iqoqe abahlakazekileyo bakwaJuda
emagumbini omane omhlaba.
13Umona ka-Efrayimi uyophela,
nalabo abahlukumeza uJuda bayakunqunywa;
u-Efrayimi akaseyukuba nomona ngoJuda,
noJuda akaseyukumhlukumeza u-Efrayimi.
14Bayohlangana bahlasele amaFilisti entshonalanga,
baphange abantu basempumalanga,
bayakumelana nabakwa-Edomi nabakwaMowabi,
ama-Amori ayoba ngaphansi kwesandla sabo.
15USimakade uyoqalekisa
itheku lolwandle leGibhithe,
anyakazise isandla sakhe phezu komfula
awuhwamukise ngekhoza lomoya wakhe,
awushaye ube yimifudlana eyisikhombisa,
ongayiwela uhamba ngezinyawo.
16Kuyoba khona umgwaqo
wensali yabantu bakhe
eyosala e-Asiriya,
njengalokhu kwakunjalo ku-Israyeli
ngosuku akhuphuka ngalo eGibhithe.

Okuqokiwe okwamanje:

U-Izaya 11: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume