U-Izaya 44

44
U-Israyeli Ukhethwe NguSimakade
1“Manje yizwa Jakobe, nceku yami,
Israyeli engimkhethileyo.
2Usho kanje uSimakade owakudalayo,
wakubumba kwasesibelethweni,
oyakukusiza, uthi:
Ungesabi, Jakobe, nceku yami,
wena Jeshuruni engikukhethileyo.
3Ngokuba ngiyakuthela amanzi
phezu kokomileyo,
nezikhukhula phezu kokomileyo,
ngiyakuthulula uMoya wami
phezu kwabantwana bakho,
nesibusiso sami
phezu kwezizukulwane zakho;
4bayakuhluma phakathi kotshani,
njengeminyezane ngasemifudlaneni yamanzi.
5Omunye uyakuthi:
‘NgingokaSimakade;’
omunye uyakuzibiza
ngegama likaJakobe,
omunye alobe esandleni sakhe,
ngingokaSimakade,
azibize ngegama lika-Israyeli.”
USimakade Yedwa UnguNkulunkulu
6“Usho kanje uSimakade,
iNkosi ka-Israyeli,
noMhlengi wakhe,
uSimakade Wamabandla, uthi:
ngingowokuqala, futhi ngingowokugcina,
ngaphandle kwami akekho uNkulunkulu.
7Ngubani onjengami na?
Makakumemezele, makakumemezele,
akubeke phambi kwami.
Ngubani owabikezela emandulo
ngezinto ezisazokwenzeka na?
Mabasitshele okusazokwenzeka.
8Ningabi naluvalo, ningesabi;
angimemezelanga yini
kusukela emandulo, nganazisa na?
Nina ningofakazi bami.
Ukhona yini uNkulunkulu
ngaphandle kwami na?
Qha, alikho iDwala; angilazi.”
Izithombe Ezibunjiweyo
9Bonke abenza izithombe ezibunjiweyo bayize,
nezinto abazithokozelayo azinanzuzo kubo,
ofakazi babo ababoni, futhi kabazi,
bayothelwa ngehlazo.
10Ngubani owenza unkulunkulu,
abumbe umfanekiso ongenakukwenza okuhle na?
11Bonke abasikhonzayo bayothelwa ngehlazo,
nabakhandi bangabantu nje,
mabahlangane bonke,
mabasukume bonke,
bangenwe yingebhe;
bonke bayakuthelwa ngehlazo kanyekanye.
12Umkhandinsimbi wenza ithuluzi,
uyalisebenza emalahleni,
alicangcathe ngezando,
alisebenze ngamandla ezingalo zakhe.
Uyalamba, angabi namandla,
uma engawaphuzi amanzi, uyakhathala.
13Umbazi welula intambo yokukala,
adwebe umuthi ngokubomvu,
awugwede ngezingwedo,
awuklame ngensimbi yokudweba isiyingi,
awenze ngomfanekiso womuntu,
ube nobuhle bomuntu;
ukuba uhlale endlini.
14Uyazigawulela imisedari,
athathe imikhoba nemi-okhi,
akuvikele phakathi kwemithi yehlathi;
utshala umsedari,
imvula iwenze ukhule.
15Bese kuba ngokomuntu
ukuba abase ngakho;
uthatha okunye kukho, othe;
abase umlilo, abhake isinkwa;
wenza futhi unkulunkulu, amkhothamele;
wenza isithombe esibaziweyo, asikhulekele.
16Ushisa ingxenye yawo emlilweni;
phezu kwenye ingxenye, ose izoso,
adle inyama, asuthe;
yebo, uyotha athi:
“Halala! Sengifudumele, ngothe umlilo.”
17Ngokuseleyo wenza ngakho unkulunkulu
nesithombe sakhe;
akukhothamele, akhuleke kukho,
athandaze kukho, athi:
“Ngisindise; ungunkulunkulu wami.”
18Kabazi, kabaqondi,
ngokuba amehlo abo uwasilekile ukuze bangaboni,
nezinhliziyo zabo ukuze bangaqondi.
19Akekho okhumbulayo,
nokwazi ukuqonda bese, ethi:
“Ingani ingxenye yawo ngiyishise ngomlilo,
ngapheka isinkwa phezu kwamalahle awo,
ngosa inyama, ngayidla;
ngokuseleyo kuwo, ngenza okuyisinengiso;
ngakhothama phambi kwesiqu somuthi.”
20Udla umlotha,
inhliziyo ekhohlisiweyo imdukisile;
akanakuwusindisa umphefumulo wakhe,
nokuba athi:
“Akukho yini amanga kwesokunene sami na?”
Intokozo Ngokuhlengwa Kuka-Israyeli
21“Khumbula lezi zinto, Jakobe,
wena Israyeli,
ngokuba uyinceku yami; ngikudalile,
uyinceku yami;
Israyeli, angiyukukukhohlwa.
22Iziphambeko zakho ngizesule njengefu,
nezono zakho njengomlaza;
buyela kimi, ngokuba ngikuhlengile.”
23Thokozani, mazulu,
ngokuba uSimakade usukumile,
nijabule nina zindawo eziphansi zomhlaba,
nihlabelele kakhulu nina zintaba,
nawe hlathi nayo yonke imithi ekuwe,
ngokuba uSimakade umhlengile uJakobe,
ngokuhlabelela, wazidumisa ngo-Israyeli.
USimakade Ukwenza Konke
24Usho kanje uSimakade uMhlengi wakho,
nowakubumba kwasesiswini, uthi:
“NginguSimakade owenza konke,
oweneka izulu yedwa,
wendlala umhlaba ngokwakhe,
25oshafisa izibonakaliso zabaphrofethi bamanga,
enze ababhuli ukuba bahlanye;
obuyisela emuva abahlakaniphileyo,
enze ukwazi kwabo kube ngubuwula;
26yiMina ofeza izwi lezinceku zakhe,
enze konke okubikezelwa yizithunywa zakhe,
akhulume ngeJerusalema, athi:
‘Liyohlalwa,’
nangemizi yakwaJuda, athi ngayo:
‘Izokwakhiwa,’
nencithakalo, athi ngayo:
‘Ngiyoyivusa.’
27Oshoyo kuwo umsinga, athi:
‘Yisha, ngiyayomisa imifula yakho;’
28othi ngoKhoresi:
‘Ungumelusi wami,
uyakufeza konke okwentando yami,
athi ngeJerusalema: liyakwakhiwa,
nakulo ithempeli:
Isisekelo sakho siyakubekwa.’ ”

Okuqokiwe okwamanje:

U-Izaya 44: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume