U-Izaya 55:1-2

U-Izaya 55:1-2 ZUL20

“We nina nonke enomileyo, wozani emanzini; nani eningenamali wozani nithenge, nidle; wozani nithenge mahhala, yebo, iwayini nobisi, kungabizi mali. Niyichithelani imali kukho okungesiso isinkwa, nenzuzo yenu kukho okungenelisiyo na? Ngilaleleni nokungilalela, nidle okuhle, umphefumulo wenu ujabule ngamanoni.