UJobe 37

37
U-Elihu Uthi Ukuhlakanipha Namandla KaNkulunkulu Kukhonjwa Ngokubusa Kwakhe Ukuduma Nemvula
1“Ngenxa yalokho inhliziyo yami iyathuthumela,
isuke endaweni yayo.
2 Lalelani, nizwe ukuduma kwezwi lakhe,
nemvunge ephuma emlonyeni wakhe.
3 Ukuthumela phansi kwezulu lonke,
unyazi lwakhe luye emagumbini omhlaba.
4Emveni kwalokho izwi lakhe liyaduma,
uyaduma ngezwi lakhe lobukhosi,
akalunqandi unyazi
uma kuzwakala izwi lakhe.
5 UNkulunkulu uduma ngokumangalisayo ngezwi lakhe;
wenza izinto ezinkulu esingenakuziqonda.
6 Ngokuba uthi eqhweni:
‘Khithikela emhlabeni;’
kanjalo nasesihlambini semvula,
yebo, ezihlambini zezimvula zakhe ezinamandla.
7 Ubeka uphawu ezandleni zabantu
ukuze bonke abantu
bayazi imisebenzi yakhe.
8 Izilwane zibuyela ezikhundleni zazo,
zihlale emihumeni yazo.
9 Isikhwishikhwishi siphuma engosini yaso,
namakhaza avela emoyeni ohlabayo.
10 Ngokuphefumula kukaNkulunkulu,
kuvela ungqoqwane namanzi
ngobuningi bawo,
abe yiqhwa.
11 Yebo, ugcwalisa amafu ngomswakama,
awendlale amafu onyazi lwakhe,
12 ayazungeza,
ajikeleze njengalokhu ewaqondisa,
ukuze akufeze konke awayale khona
ebusweni bomhlaba,
13 noma ngabe lokho ukwenzela ukujezisa,
noma umhlaba wakhe,
noma ngothando,
uyakuvumela ukuba kwenzeke.
14“Beka indlebe kulokhu, Jobe,
uthule du,
uzindle ngezimangaliso zikaNkulunkulu.
15Uyazi yini ukuthi uNkulunkulu uwashayela
kanjani umthetho,
enze unyazi lwakhe lubanize emafini na?
16 Uyazi yini ukuthi amafu
endlaleke kanjani,
umsebenzi omangalisayo
walowo Ophelele olwazini,
17wena ozembatho zakho zifudumele,
lapho umhlaba uthule ngenxa yeshisandlu na?
18 Ungaseneka yini isibhakabhaka njengaye,
siqine njengesibuko esibunjiweyo na?
19 Sifundise esiyakukusho kuye,
asinakulubeka udaba lwethu,
ngenxa yokuthi sidukuza oswini.
20Angatshelwa yini uNkulunkulu
ukuthi ngizokhuluma na?
Ukhona yini ongathi
ufuna ukubhujiswa na?
21Abantu abazukuwubona umbani emafini
ngoba umoya sewedlulile, selicwathile.
22Ngasenyakatho kuqhamuka inkazimulo yegolide,
uNkulunkulu wembethe ubukhosi obesabekayo.
23 USomandla singemqonde,
mkhulu ngamandla nangobulungiswa,
ngokulunga kwakhe okukhulu akoni muntu.
24 Ngakho-ke abantu bayamesaba,
kodwa akabagqizi qakala
abacabanga ukuthi bayizihlakaniphi ezinhliziyweni zabo.”

Okuqokiwe okwamanje:

UJobe 37: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume