UJobe 9

9
UJobe Uphendula Inkulumo Yokuqala KaBhilidadi
1UJobe wayesephendula ethi:
2 “Impela ngiyazi ukuthi kunjalo,
kodwa umuntu angaba kanjani ngolungileyo
phambi kukaNkulunkulu na?
3 Uma efuna ukuthetha icala naye,
angemphendule nakwelilodwa kwayinkulungwane.
4 Uhlakaniphile ngenhliziyo,
unamandla amakhulu,
ngubani owake wamelana naye, waphumelela na?
5 Yena ogudluza izintaba, zingazi,
Yena ozigumbuqela ngentukuthelo yakhe,
6 ozamazamisa umhlaba usuke endaweni yawo,
kuthuthumele izinsika zawo,
7 oyala ilanga lingaphumi,
avalele izinkanyezi,
8 oweneka izulu yedwa,
ahambe phezu kwamaza olwandle,
9 owenza iNdonsa,
iKhwezi,
iSilimela, iSicelankobe
noMthala oseningizimu,
10 owenza izinto ezinkulu ezingenakukhohlweka,
yebo, izimangaliso ezingenakubalwa.
11 Bheka, uyedlula
ngakimi, ngingaboni,
uyedlula, kodwa ngingamuzwa.
12 Bheka, uyabamba,
ngubani ongamkhalima na?
Ngubani oyakusho kuye, athi:
‘Wenzani na?’
13 “UNkulunkulu akayukulunqanda ulaka lwakhe;
bayakhothama abasizi bakaRahabi phansi kwakhe.
14 Pho mina ngingamphendula ngithini,
ngingawathathaphi amazwi aqondene naye na?
15 Noma ngingenacala, angikwazi ukumphendula,
kufanele ngicele umusa kumehluleli wami.
16Uma bengimbizile wase engiphendula,
angikholwa ukuthi ulilalele izwi lami.
17 Ngokuba uyangilimaza ngesiphepho,
wandisa amanxeba ami ngaphandle kwesizathu.
18 Akangivumeli ukuba ngiphefumule,
kepha ungigcwalisa ngomunyu.
19 Ukuba besizwana amandla, nguye onamandla.
Ukuba bekungubulungiswa,
ngubani ongambizela icala na?
20 Nakuba ngilungile,
umlomo wami uyakungilahla,
noma ngimsulwa, uyakungibeka icala.
21 Ngimsulwa, kodwa angizazi,
ngiyakuzonda ukuphila kwami.
22 Ngakho-ke konke kuyafana, yingakho ngithi:
‘Ubhubhisa omsulwa nesikhohlakali.’
23 Uma kwehla inhlekelele ngokuzuma,
uyakuhleka ukuphelelwa yithemba kwabangenacala.
24 Umhlaba unikelwe esandleni sezikhohlakali,
uyabumboza ubuso babehluleli bawo,
uma kungesiye, pho ngubani na?
25 “Izinsuku zami ziyashesha ukwedlula umgijimi,
ziyabaleka zingakubonanga okuhle.
26 Zitshuza njengesikebhe somhlanga,
nanjengokhozi luphuthuma ukudla kwalo.
27 Uma ngithi: ‘Ngizokhohlwa ngukukhononda,
ngizoyeka ukunyukubala, ngithakase,’
28 nokho ngiyabesaba
bonke ubuhlungu bami,
ngiyazi awuyukungithatha njengongenacala.
29 Mina ngizolahlwa ngecala,
pho kungani ngikhandlekela ize na?
30 Noma ngingageza ngamanzi eqhwa,
ngihlanze izandla zami ngensipho,
31 nokho uyakungicwilisa emgodini,
nginengwe yizingubo zami.
32 Ngokuba akasiye umuntu njengami
ukuba bengingaqagulisana naye,
nokuba ngibhekane naye esigcawini.
33 Akukho mlamuli phakathi kwethu,
ongabeka isandla sakhe
phezu kwethu sobabili, asilamule.
34 Makayisuse induku yakhe kimi,
nengebhe yakhe ingangesabisi,
35 khona ngiyokhuluma ngingamesabi,
ngoba angiyikho lokhu
okucatshwangwa ngami.”

Okuqokiwe okwamanje:

UJobe 9: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume