21
Imizi YabaLevi
1 Kwase kusondela izinhloko zemindeni yabaLevi ku-Eleyazare, umphristi benoJoshuwa, indodana kaNuni, nezinhloko zemindeni yezizwana zakwa-Israyeli; 2 zakhuluma kubo eShilo eKhanani, zathi: “USimakade wayala ngoMose ukuba sinikwe imizi esizohlala kuyo namadlelo emfuyo yethu.”
3Ngakho-ke ngokomyalo kaSimakade abakwa-Israyeli banika abaLevi le mizi elandelayo namadlelo ayo, kwaba yifa labo.
4Unkatho lwadla imindeni yamaKhohathi. Ngakho-ke abaLevi abengabozalo luka-Aroni, umphristi, bathola ngonkatho imizi eli-13 esizwaneni sakwaJuda, esakwaSimeyoni, nesakwaBhenjamini.
5Basalayo bozalo lukaKhohathi bathola ngonkatho imizi elishumi emindenini yesizwana sakwa-Efrayimi, nesakwaDani, nasengxenyeni yesizwana sakwaManase.
6Abozalo lukaGerishoni bathola imizi eli-13 emindenini yesizwana sakwa-Isakhare, esakwa-Asheri, esakwaNafethali nasengxenyeni yesizwana sakwaManase, eBhashani.
7Abozalo lukaMerari, ngokwemindeni yabo, bathola imizi eli-12 esizwaneni sakwaRubeni, esakwaGadi, nesakwaZebuloni.
8Abakwa-Israyeli bababela abaLevi ngonkatho leyo mizi namadlelo ayo; njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.
9Esizwaneni sabozalo lukaJuda nabolukaSimeyoni abaLevi bathola le mizi elandelayo ebizwe ngamagama, 10 yaba ngeyabozalo luka-Aroni, bemindeni yamaKhohathi ayengabaLevi, selokhu bakhonjwa wunkatho lokuqala.
11 Bawanika iKiriyathi Arbha okuyiHebhroni, umuzi kayise ka-Anaki, ezintabeni kwaJuda namadlelo awo nxazonke zawo. 12 Kodwa amasimu omuzi nemizana yawo bakunika uKhalebhu indodana kaJefune kwaba yifa lakhe.
13 IHebhroni umuzi wokuphephela umbulali namadlelo alo, iLibhina namadlelo alo, bakunika abozalo luka-Aroni umphristi, 14iJathiri namadlelo alo, i-Eshithemowa namadlelo alo, 15iHoloni namadlelo alo, iDebhiri namadlelo alo, 16i-Ayini namadlelo alo, iJutha namadlelo alo, neBhethi Shemeshi namadlelo alo, imizi eyisishiyagalolunye ivela kulezi zizwana ezimbili.
17Esizwaneni sakwaBhenjamini bathola: iGibheyoni namadlelo alo, iGebha namadlelo alo, 18i-Anathothi namadlelo alo, ne-Alimoni namadlelo alo, imizi emine.
19Imizi yabozalo luka-Aroni, abaphristi, yayili-13 namadlelo ayo.
20Yonke eminye imindeni yobozalo lukaKhohathi abaLevi abasalayo ozalweni lukaKhohathi, banikwa ngonkatho imizi esizwaneni sakwa-Efrayimi.
21Banikwa iShekhemi namadlelo alo, kwelezintaba kwa-Efrayimi, umuzi wokuphephela umbulali, iGezeri namadlelo alo, 22iKhibhizayimi namadlelo alo, neBhethi Horoni namadlelo alo, imizi emine.
23Esizwaneni sakwaDani: i-Elitheke namadlelo alo, iGibhethoni namadlelo alo, 24i-Ajaloni namadlelo alo, iGathi Rimoni namadlelo alo, imizi emine.
25Engxenyeni yesizwana sakwaManase bathola: iThanakhi namadlelo alo, neGathi Rimoni namadlelo alo, imizi emibili.
26Imizi yemindeni yobozalo lukaKhohathi ababesasele yayilishumi isiyonke namadlelo ayo.
27Abozalo lukaGerishoni, omunye wemindeni yabaLevi, banikwa engxenyeni yesizwana sakwaManase, iGolanu eBhashani namadlelo alo, umuzi wokuphephela umbulali, neBheyeshithera namadlelo alo, imizi emibili. 28Esizwaneni sakwa-Isakhare bathola: iKhishiyoni namadlelo alo, iDabherathi namadlelo alo, 29iJarimuthi namadlelo alo, ne-Eni Ganimi namadlelo alo, imizi emine.
30Esizwaneni sakwa-Asheri bathola: iMishali namadlelo alo, i-Abhidoni namadlelo alo, 31iHelikhathi namadlelo alo, neRehobhe namadlelo alo, imizi emine.
32Esizwaneni sakwaNafethali bathola: iKedeshi eGalile namadlelo alo, umuzi wokuphephela umbulali, iHamothi Dori namadlelo alo, neKharithani namadlelo alo, imizi emithathu.
33Yonke imizi yamaGereshoni ngemindeni yawo namadlelo ayo yayili-13.
34Kulabo baLevi ababesasele, ozalweni lukaMerari yanikezelwa esizwaneni sakwaZebuloni: iJokineyamu namadlelo alo, iKharitha namadlelo alo, 35iDimina namadlelo alo, neNahalali namadlelo alo, imizi emine.
36Esizwaneni sakwaRubeni bathola: iBhezeri namadlelo alo, iJahazi namadlelo alo, 37iKhedemothi namadlelo alo, neMefahathi namadlelo alo, imizi emine.
38Esizwaneni sakwaGadi bathola: iRamothi kwaGileyadi namadlelo alo, umuzi wokuphephela umbulali, iMahanayimi namadlelo alo, 39iHeshibhoni namadlelo alo, neJazeri namadlelo alo, imizi emine isiyonke.
40Maqondana nemizi yozalo lwamaMerari ayesasele, imindeni yabaLevi, yona yabelwa imizi eli-12 isiyonke.
41 Isiyonke imizi yabaLevi eyayiphakathi kwesabelo sabakwa-Israyeli yayingama-48 namadlelo ayo. 42Umuzi ngamunye waleyo mizi wawuzungezwe ngamadlelo awo, wonke ayenjalo.
USimakade Unika U-Israyeli Izwe
43 USimakade wamnika kanjalo u-Israyeli lonke izwe ayefunge kokhokho bakhe ukuthi uzobanika lona; sebelidlile laba yisabelo sabo, bahlala kulo. 44 USimakade wayesebapha ukuthula nhlangothi zonke njengalokhu ayefungile kokhokho babo; akukho nasinye ezitheni zabo esama phambi kwabo, ngokuba uSimakade wayezinikele zonke izitha zabo ezandleni zabo. 45 Akukho nasinye kulezo zithembiso ezinhle uSimakade ayezethembise indlu ka-Israyeli esingafezekanga; zonke zafezeka.