8
Ukunqotshwa Kwe-Ayi
1 USimakade wathi kuJoshuwa: “Ungesabi, ungabi naluvalo; thatha wonke amabutho, nikhuphukele e-Ayi; bheka, ngiyinikele esandleni sakho inkosi yase-Ayi nabantu bayo, nomuzi wayo nezwe layo. 2 Uyakwenza e-Ayi nasenkosini yakhona lokho okwenzile eJerikho nasenkosini yakhona; impango yalo kuphela nemfuyo yalo eniyakuzithathela khona. Gwacani ngemuva komuzi.”
3UJoshuwa nawo wonke amabutho bagasela e-Ayi. UJoshuwa wakhetha amabutho ayizi-30 000 wawathumela ebusuku, 4ewayalile, wathi: “Niyakugwaca ngemuva komuzi, ningayi kude nawo, kodwa nihlale nonke niqaphile. 5 Mina nabo bonke abantu abanami siyakusondela emzini; kuyothi lapho bephuma besihlasela, sicele empunzini njengakuqala. 6Bayakuphuma basixoshe, nathi siyakubayenga baphume emzini, ngokuba bayakuthi: ‘Bayabaleka phambi kwethu njengakuqala.’
“Ngesikhathi sibaleka phambi kwabo, 7niyakuvuka niwuthelekele umuzi, niwudle, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wenu uzowunikela ezandleni zenu. 8 Lapho seniwudlile umuzi, niyakuwuthungela ngomlilo, nenze njengalokhu uSimakade eniyalile. Bhekani, senginiyalile.”
9UJoshuwa wabathuma baya kuleyo ndawo ababezogwaca kuyo, bazifihla phakathi kweBhetheli ne-Ayi, ngasentshonalanga e-Ayi. Ngalobo busuku uJoshuwa walala phakathi kwabantu.
10UJoshuwa wavuka ekuseni wahlela abantu, base beyakhuphuka phambi kwabantu, yena namalunga akwa-Israyeli, baya e-Ayi. 11Wonke amabutho ayenaye akhuphuka, asondela phambi komuzi, ayesekanisa ngasenyakatho e-Ayi, kukhona umfula obehlukanise nomuzi i-Ayi. 12Wakhetha amabutho ayizi-5 000 wawabeka phakathi kweBhetheli ne-Ayi, entshonalanga e-Ayi. 13Bawahlela amabutho, ingxenye enkulu yawo yayingasenyakatho, ingxenye eyayingemuva ingasentshonalanga yomuzi. UJoshuwa walala esigodini ngalobo busuku.
14 Lapho inkosi yase-Ayi ikubona lokho, yaphuma ngokushesha ekuseni, yona nabantu bayo, izakhamuzi zomuzi i-Ayi, baya endaweni ebhekene ne-Araba lapho impi yayibambene khona neyakwa-Israyeli, kodwa yayingazi ukuthi kukhona abayilalele unyendle emva komuzi. 15UJoshuwa nayo yonke impi yakwa-Israyeli, bashaya sengathi bayehlulwa, base beyabaleka ngendlela eqonde ogwadule. 16Ngakho-ke bonke abantu ababesemzini babizelwa ndawonye ukuba babaxoshe. Besaxosha uJoshuwa baya ngokuya bededa emzini. 17Akusalanga namunye e-Ayi noma eBhethele lapho bephumela ukuyoxosha abakwa-Israyeli, bawashiya amasango ethe gengelezi.
18 USimakade wathi kuJoshuwa: “Yelulela ngase-Ayi umkhonto osesandleni sakho, ngokuba ngiyakulinikela esandleni sakho.”
UJoshuwa welulela ngasemzini umkhonto owawusesandleni sakhe. 19Wathi ukuba aselule isandla sakhe, ababebalalele unyendle bathi vumbu lapho babegwace khona, banikela emzini. Bangena emzini, bawudla, ngokushesha bawuthungela ngomlilo.
20Lapho amadoda ase-Ayi ebheka emuva akhangwa yisikhatha sentuthu sibheke esibhakabhakeni, kusha umuzi. Aphelelwa ngamandla, awaze azi ukuthi abalekele ngaphi, ngokuba abakwa-Israyeli ababebalekele ehlane babaphendukela abase-Ayi ababebaxosha. 21Kuthe lapho uJoshuwa nawo wonke u-Israyeli bebona ukuthi umuzi udliwe ngababewuhlasela, nokuthi isikhatha sentuthu yomuzi sasenyukela phezulu, baphenduka babulala amabutho ase-Ayi. 22 Abanye baphuma emzini babhekana nabo. Ngaleyo ndlela abakwa-Israyeli babavimbezela nxazonke bababulala, akwaze kwasinda muntu. 23Abayibulalanga nokho inkosi yase-Ayi, kodwa bayithumba bayiletha kuJoshuwa.
24U-Israyeli eseqedile ukubulala zonke izakhamuzi zase-Ayi ehlane elalivulekile lapho babebaxoshele khona, nalapho bonke ngothi lwabo sebebulewe ngenkemba, bonke abakwa-Israyeli baphindela e-Ayi, balihlasela balibhubhisa ngenkemba. 25 Inani lalabo abawa ngenkemba ngalolo lusuku, abesilisa nabesifazane kwakuyizi-12 000, zonke izakhamuzi zakhona. 26 UJoshuwa akasifinyezanga isandla sakhe, wayelokhu eselulile siphethe inkemba, waze wazibhubhisa zonke izakhamuzi zase-Ayi. 27 U-Israyeli waphanga imfuyo nempahla kuphela, njengokuba uSimakade ayemyalile uJoshuwa.
28Ngakho-ke uJoshuwa walishisa i-Ayi, walishiya liyindunduma yencithakalo kuze kube namuhla. 29 Inkosi yase-Ayi wayilengisa emthini kwaze kwaba kusihlwa. Ngokushona kwelanga uJoshuwa wayala ukuba basehlise isidumbu sayo emthini, basitshinge esangweni lomuzi, base bebeka inqwaba enkulu yamatshe phezu kwaso, esekhona nanamuhla.
Ukufundwa Komthetho Entabeni I-Ebhali
30 UJoshuwa wakhela uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli i-althare entabeni i-Ebhali, 31 walenza lanjengalokhu uMose inceku kaSimakade ayemyalile u-Israyeli, nanjengalokhu kulotshwe encwadini yomthetho kaMose, ukuthi: i-althare kumele lenziwe ngamatshe angabaziwe, okungakaze kusetshenziswe thuluzi kuwo. Base benikela iminikelo yokushiswa kuSimakade, banikela neminikelo yokuthula. 32 Bekuleyo ndawo uJoshuwa wabhala ifuzela lomthetho ayewubhalile uMose phambi kwabo bonke abantu bakwa-Israyeli. 33 Bonke abakwa-Israyeli, abaholi, izinduna nabehluleli babo, abafokazi naboselwa, bama ngapha nangapha komphongolo wesivumelwano sikaSimakade phambi kwabaphristi babaLevi ababethwele umphongolo. Enye ingxenye yabantu yayiphambi kwentaba iGerizimu, enye ingxenye iphambi kwentaba i-Ebhali, njengokuba uMose, inceku kaSimakade, ayebayalile ukuze babusise abantu bakwa-Israyeli njengasezikhathini ezedlule.
34 Emveni kwalokho, uJoshuwa wafunda wonke amazwi omthetho, izibusiso neziqalekiso, njengakho konke okwakubhalwe encwadini yoMthetho. 35 UJoshuwa alikho nalinye izwi angalifundanga phambi kwebandla lakwa-Israyeli, kukho konke uMose ayeyale ngakho; wabafundela bonke abesifazane, abantwana nabafokazi ababehlala phakathi kwabo.