NgokukaLuka 11

11
UJesu Ufundisa Ngokukhuleka
(Mat. 6:9)
1Ngelinye ilanga uJesu eseqedile ukukhuleka endaweni ethile, omunye wabafundi bakhe weza kuye, wathi: “Nkosi, sifundise ukukhuleka, njengokuba noJohane wabafundisa abafundi bakhe.”
2Wayesethi kubo: “Uma nikhuleka, anothi:
“ ‘Baba,
malingcweliswe igama lakho;
mawufike umbuso wakho;
3siphe namuhla isinkwa sethu
semihla ngemihla;
4sithethelele izono zethu,
njengokuba nathi sibathethelela bonke abanecala kithi;
ungasingenisi ekulingweni.’ ”
5Wayesethi kubo: “Ngubani kini othi enomngani, aye kuye phakathi kobusuku, athi kuye: ‘Mngani, ake ungenanele izinkwa ezintathu, 6ngokuba ngifikelwe ngumhlobo wami osohambeni, kepha anginalutho engingamupha khona adle;’ 7bese umngani esendlini aphendule athi: ‘Ungangihluphi; sekuvaliwe emnyango, sesilele, mina kanye nabantwana bami; anginakuvuka, ukuba ngikunike utho.’ 8Ngithi kini: noma engezukuvuka amnike utho ngokuba engumngani wakhe, kodwa ngenxa yokubelesela kwakhe uyakumnikeza konke akudingayo.
9 “Ngakho-ke ngithi kini: celani, niyakuphiwa; funani, niyakufumana; ngqongqothani, niyakuvulelwa. 10Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa, nofunayo uyafumana, nongqongqothayo uyakuvulelwa.
11“Ngubani kini nina bobaba, okungathi uma indodana icela inhlanzi, ayinike inyoka esikhundleni senhlanzi; 12kuthi uma icela iqanda, ayinike ufezela na? 13Ngakho-ke uma nina eningababi, nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani-ke uYihlo osezulwini uzakubapha abacelayo kuye uMoya oNgcwele.”
Isono Sokuhlambalaza UMoya ONgcwele
(Mat. 12:22; Mak. 3:20)
14UJesu wakhipha idimoni elaliyisimungulu; kuthe seliphumile, wakhuluma obeyisimungulu, isixuku samangala. 15 Kepha abanye babo bathi: “Ukhipha amadimoni ngoBhelzebhule, umbusi wamadimoni.”
16 Abanye bamlinga, bafuna ukuba enze isibonakaliso esivela ezulwini.
17Kepha Yena eyazi imicabango yabo, wathi kubo: “Yilowo nalowo mbuso owehlukene wodwa, uyakuchithwa; nendlu ehlukene yodwa, iyakuwa. 18Kanjalo uma uSathane ehlukene yedwa, umbuso wakhe uyakuma kanjani na? Ngokuba nithi ngikhipha amadimoni ngoBhelzebhule. 19Uma Mina ngikhipha amadimoni ngoBhelzebhule, pho amadodana enu awakhipha ngobani na? Ngakho-ke amadodana enu ayakuba ngabehluleli benu. 20Kepha uma ngikhipha amadimoni ngomunwe kaNkulunkulu, kusho ukuthi umbuso kaNkulunkulu usufikile kini.
21“Uma isiqhwaga sihlome saphelela, silinda umuzi waso, impahla yaso ihlala iphephile. 22 Kepha uma onamandla kunaso esihlasela, asinqobe, uyasiqhwaga izikhali zaso ebesigabe ngazo, bese eyaba impango yaso.
23 “Ongahambisani nami, umelene nami; ongabuthi nami, uyahlakaza.
24“Lapho umoya ongcolileyo uphuma kumuntu, uyahamba udabule ezindaweni ezigagadekile, ufuna indawo yokuphumula; uma ungayifumani, bese uthi: ‘Ngizakubuyela endlini yami engaphuma kuyo.’ 25Uma ufika, uyifice ishaneliwe, futhi ilungiswe kahle; 26 uyahamba ulande abanye omoya abayisikhombisa, ababi kunawo, bangene bahlale lapho, kuthi isiphetho sibe sibi ngokwedlulele kunesiqalo.”
27 Kuthe esakhuluma ngalokho, owesifazane othile esixukwini wamemeza, wathi kuye: “Sibusisiwe isisu esakuthwalayo namabele owawancelayo.”
28 Kepha uJesu wathi: “Yebo kunjalo, kodwa kakhulu babusisiwe abalizwa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze.”
Isibonakaliso SikaJona
(Mat. 12:38; 16:1; Mak. 8:11)
29 Ngesikhathi isixuku sikhula, waqala ukukhuluma, wathi: “Lesi sizukulwane siyisizukulwane esibi, sifuna isibonakaliso, kodwa asiyukunikwa sibonakaliso, ngaphandle kwesibonakaliso sikaJona. 30 Ngokuba njengalokhu uJona waba yisibonakaliso kwabaseNineve, iNdodana yomuntu iyakuba kanjalo kulesi sizukulwane. 31 Mhla kwehlulelwa, indlovukazi yaseningizimu iyakusukuma kanye namadoda alesi sizukulwane, iwalahle ngecala, ngokuba yasuka kwelikude izwe izokuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni; lapha kukhona omkhulu kunoSolomoni. 32 Amadoda aseNineve ayakusukuma kanye nalesi sizukulwane ngosuku lokwehlulela, asilahle ngecala. Ngokuba aphenduka lapho ngokushumayela kukaJona. Lapha kukhona omkhulu kunoJona.”
Isibani Phansi Kwesitsha
(Mat. 5:15; Mak. 4:21; Luk. 8:16)
33 “Akukho muntu othi angokhela isibani asibeke ekusithekeni, phansi kwesitsha, kodwa usifaka othini ukuze abangenayo babone ukukhanya. 34Iso lakho liyisibani somzimba; uma iso lakho liphilile, umzimba wakho wonke ugcwele ukukhanya; kepha uma lilibi, umzimba wakho ungubumnyama. 35Ngakho-ke qaphela, funa ukukhanya okukuwe kube ngubumnyama. 36Uma umzimba wakho wonke ungukukhanya, kungekho cashaza elimnyama, uyakukhanya wonke njengesibani sikukhanyisa ngokukhanya kwaso.”
UJesu Usola AbaFarisi Nezazimthetho
(Mat. 23:23)
37Esakhuluma, omunye umFarisi wammema ukuba azokudla naye. UJesu esengenile endlini, wahlala esidlweni. 38Kepha umFarisi ebona ukuthi uJesu udla engaqalanga ngokugeza, wamangala. 39INkosi uJesu yayisithi kuye: “Nina baFarisi nigeza ingaphandle lenkezo nesitsha, kepha ingaphakathi lenu ligcwele ubugovu nokonakala. 40Ziwula, lo owenza ingaphandle, akalenzanga yini nengaphakathi na? 41Kepha-ke lokho okungaphakathi kupheni abampofu, konke kuzakube kuhlambulukile kini.
42 “Kepha, maye, kini baFarisi, ngokuba nikhipha okweshumi kweshaladi nopelepele, nazo zonke izinhlobo zemifino, kodwa nibushaya indiva ubulungiswa nokuthanda uNkulunkulu. Lokho-ke bekufanele nikwenze, kodwa ningaziyeki nezinye.
43“Maye, kini baFarisi, ngokuba nithanda ukuhlala ezihlalweni eziphambili emasinagogeni, nokukhothanyelwa ezindaweni zokuhwebelana!
44“Maye, kini, ngokuba nifana namathuna angasabonakali, asebehamba phezu kwawo, bengawaboni!”
45Omunye wezazimthetho wayesephendula, wathi kuye: “Mfundisi, uma ukhuluma kanje phela, uyaseyisa thina.”
46Kepha uJesu wathi: “Maye, nakini zazimthetho, maye, ngokuba nithwesa abantu imithwalo enzima! Nina uqobo lwenu nibe ningayithinti leyo mithwalo nangowodwa weminwe yenu.
47“Maye, kini, ngokuba nakha amatshe amahle emathuneni abaphrofethi ababulawa ngokhokho benu. 48Ngalokho-ke niyafakaza, futhi nivuma imisebenzi eyenziwa ngoyihlomkhulu, ngokuba bona bababulala abaphrofethi, nina-ke senakha amatshe amathuna abo. 49 Ngenxa yalokho, lowo ongukuhlakanipha kukaNkulunkulu, wathi: ‘Ngiyakuthumela kubo abaphrofethi nabaphostoli, abanye benu bayakubabulala, abanye babazingele.’ 50Lokho kwenzeka ukuze igazi labaphrofethi bonke elachithwa kusukela umhlaba wasekelwa, libizwe kulesi sizukulwane; 51 kusukela egazini lika-Abela kuze kufike egazini likaZakhariya, owabulawa phakathi kwe-althare nethempeli. Yebo, ngithi kini: lizakubizwa kulesi sizukulwane.
52“Maye, kini zazimthetho, ngokuba nisithathile isihluthulelo solwazi! Nina luqobo aningenanga, nabangenayo nabavimbela.”
53Kuthe ephuma lapho, izazimthetho nabaFarisi baqala ukumthukuthelela kakhulu. Base bemxina ngemibuzo ngezinto eziningi; 54behlose ukumhila, ukuze bambambe ngamazwi akhe.

Okuqokiwe okwamanje:

NgokukaLuka 11: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume